AbaJuda Balulekwa Ukuba Bazivikele
1Ngalolo lusuku inkosi u-Arithahishashithi yanika u-Esteri indlovukazi yonke impahla kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekhayi wabizwa yinkosi, ngokuba u-Esteri wayeseyitshelile inkosi ukuthi uhlobene naye. 2Inkosi yathatha indandatho yayo ebiyikhumulile kuHamani, yayinika uMoridekhayi. U-Esteri wambeka uMoridekhayi phezu kwayo yonke impahla kaHamani. 3Indlovukazi u-Esteri yaqhubeka yakhuluma nenkosi, yawa ngasezinyaweni zayo yakhala yayinxusa inkosi ukuba ibususe ububi bukaHamani necebo lakhe ayelicebe ngabaJuda. 4Inkosi yamelulela u-Esteri intonga yeGolide, wayesesukuma u-Esteri wema phambi kwenkosi. 5U-Esteri wathi: “Uma kukuhle enkosini, noma ngifumene umusa phambi kwayo, makulotshwe ukuba zibuyiswe izincwadi zamacebo kaHamani azibhala wazithumela ukuba bachithwe abaJuda embusweni wakho. 6Ngingabukela kanjani okubi okuzokwehlela isizwe sakithi na? noma ngingaphepha kanjani mina uma isizwe sokhokho bami sibhujiswa na?”
7Inkosi yathi ku-Esteri: “Bheka ngikunike yonke impahla kaHamani futhi ngamphanyeka emthini ngenxa yokuba ebemelene nabaJuda, yini-ke okunye okufunayo? 8Loba egameni lami lokho okubona kukuhle bese ukugxoba ngendandatho yami yegunya, ngokuba noma mbhalo muni obhalwe egameni lenkosi, kwasicilelwa ngendandatho yayo akunakuphikiswa muntu.”
9Abalobi benkosi babizwa ngolwamashumi amabili nantathu enyangeni yokuqala, uNissani, ngawona lowo nyaka; konke ayala ngakho mayelana namaJuda kwalotshwa phansi kwanikwa abaphathi nezikhulu zezifunda kusukela eNdiya kuze kufike eTopiya, izifunda eziyi-127, zonke zalotshelwa ngolimi lwazo. 10Lesi simemezelo sabhalwa egameni lenkosi, sagxivizwa ngendandatho yenkosi sathunyelwa ngesandla sezigijimi. 11Inkosi yavumela wonke abaJuda ayesemizini ngemizi ukuba ahloniphe imithetho yawo nokuba azivikele ezitheni zawo nakulabo abamelene nabo, 12lokhu kwenzeka ngolwe-13 lwenyanga ye-12 u-Adari.
ISENGEZO E
Isimemezelo Sika-Arithahishashithi Esivuna AbaJuda 16
12aLe yikhophi yencwadi eyabhalwayo: 12b“U-Arithahishashithi inkosi enkulu, kubabusi bezifunda kusukela e-Indiya kuya eTopiya, izifunda eziyi-127, nakubo bonke abathembekile embusweni wethi, ngiyabingelela. 12cAbantu abaningi, nxa behlonishwa ngomusa omkhulu, bayakhukhumala bagcwale impakamo, bese bengagcini nje befuna ukulimaza abantu bami, kodwa kuthi ngokwehluleka ukwazi ukuthi bazokwenzanjani ngomcebo abawutholayo, bese benza abacebo aphambene nababanike le ngcebo. 12dKabagcini nje ngokwenza nabanye behluleke ukubonga, kodwa bekhukhunyaliswa yilabo abangazi lutho ngokulunga, bagcina bezikhohlisa becabanga ukuthi bayophunyuka ebulungiseni bukaNkulunkulu obuzonda ububi, uNkulunkulu obona konke.
12e“Ezikhathini eziningi labo ababekwe emagunyeni, yibo kanye ngakolunye uhlangothi abachithe igazi elingenacala, futhi babamba iqhaza ezigemegemeni ezingenakulungiseka, bencengwe ngabangani babo abaphethe izindaba zokuphathwa komphakathi, 12flaba bantu ngokukhohlakala okuyimvelo yabo, baphambanise ukulunga kwamakhosi abo. 12gUmphumela wobubi obuvela ngenxa yobunyoka balabo abasebenzisa igunya labo ngokungafanele uyabonakala, kungekhona nje emiqulwini equkethe izindaba zasemandulo, kodwa nakuyo eyesikhathi samanje.
12h“Esikhathini esizayo siyoqikelela ukwenza umbuso wethu ube nokuthula kubo bonke, 12ilokhu siyokwenza ngokuguqula indlela yethu nokuhlolisisa izinto ezifika phambi kwethu, ukuze zithole ukubukisiswa ngokufanelekile. 12kNgokuba uHamani indodana kaHamedatha, onguMakhedoniya ongesiya ngokwempela owolibo lwamaPheresiya futhi ongenawo umusa wethu, esebe yisimenywa sethu, 12lwezwa ngokuphelele ukulunga kwethu esinakho kuzo zonke izizwe waze wabizwa ngobaba wethu wakhothanyelwa yibo bonke njengowesibili embusweni.
12m“Kepha ngokwehluleka ukuzibamba ekuphakameni kwakhe, wenze icebo lokusamuka umbuso nempilo yethu, 12nngobuqili nobunyoka obukhulu wacela ukuba abhujiswe uMoridekhayi, umsizi nomondli wethu kanye no-Esteri ongumana ongenasici embusweni wethu kanye nesizwe sonke sakubo. 12oWacabanga ukuthi ngale ndlela uyakusifumana singavikelekile bese edlulisela umbuso wamaPheresiya kwabaseMakhedoniya, 12pkodwa sifumane ukuthi abajuda ayenqunyelwe ukufa yile ndoda embi ngokuphinda phindiwe, awasibo abantu ababi, kodwa abuswa yimithetho emihle kakhulu, 12qfuthi ayizingane zikaNkulunkulu ophilayo, Ophezukonke, uSomandla, oqondisa imibuso, owethu kanjalo nokhokho bethu endleleni enhle kakhulu. 12rNiyobe nenze kahle uma ningakwenzi okwakuyalelwe incwadi kaHamani indodana kaHamedatha, njengoba yena, owenza lezi zinto, ulengisiwe ngasesangweni lomuzi waseShushani, yena kanye nedlu yakhe yonke, ngokuba uNkulunkulu, obusa phezu kwezinto zonke, umnikezile ngokushesha isijeziso esimfaneleyo.
12s“Ngakho-ke yinamekeni le khophi yale ncwadi kuzo zonke izindawo zomphakathi, futhi nivumele abajuda aphile ngokuvumelana nemithetho yawo. Futhi nibanikeze izikhali ukuze ngolwe-13 lwenyanga u-Adari bakwazi ukuzivikela kubo ababahlaselayo ngesikhathi sokucindezelwa kwabo. 12tNgokuba uNkulunkulu obusa phezu kwezinto zonke ulwenzile lolu suku lube ngolwenjabulo kubantu bakhe abakhethiweyo kunokuba lube ngolokubhujiswa kwabo. 12uNgakho-ke niyakulugcina ngentokozo njengosuku olukhethekile lapho nigubha imikhosi yenu, ukuze kusukela namuhla nangezikhathi ezizayo lumele usuku lokukhululwa kwenu nokwethembeka kwamaPheresiya, ukuze futhi lube yisikhumbuzo sokuchithwa kwalabo abenza uzungu ngathi. 12xYonke imizi kanye namazwe angenzi njengoba siyalile ayakuchithwa ngeklwa nangomlilo. Kuyakwenziwa kube nzima kubantu futhi kwenyanyeke nasezilwaneni zasendle kanye nezinyoni izizukulwane ngezizukulwane.”
SIPHELA LAPHA ISENGEZO E.
13“La makhophi alesi simemezelo mawachonywe endaweni esobala embusweni wonke, ukuze onke abajuda alungele ukulwa nezitha zawo ngalolo lusuku.”
14Ngakho-ke izithunywa ezazigibele amahhashi zaphuma ngesivinini ukuyofeza okwakuyalwe yinkosi; futhi lesi simemezelo senziwa nase Shushani. 15UMoridekhayi waphuma embethe ezobukhosi nomqhele wegolide kanye nethabeni lelineni elibukhwebezane. Abantu baseShushani bathokoza lapho bembona. 16Kwehla amaphaphu emaJudeni yintokozo, 17emizini yonke nasezifundeni lapho isimemezelo senziwa khona; zonke izindawo lapho isimemezelo senziwa khona, abajuda aba nokuthokoza nokujabula, enza idili aba nokuphumula. Iningi labezizwe lasokwa laba ngabaJuda ngenxa yokuwesaba.