U-Esteri WesiGriki 10
Udumo Luka-Arithahishashithi NoMoridekhayi
1Inkosi yathelisa izwe neziqhingi zolwandle intela. 2Zonke izenzo zayo negunya layo namandla ayo. yonke indaba yobukhulu bayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zamakhosi aseMediya nasePheresiya. 3UMoridekhayi waphatha ngegunya izindaba zenkosi u-Arithahishashithi, waba mkhulu embusweni ehlonishwa nangabaJuda. Impilo yakhe yamenza wathandeka esizweni sonke sakubo.
ISENGEZO F
UMoridekhayi Ukhumbula Iphupho Lakhe
3aUMoridekhayi wathi: “Lezi zinto zivela kuNkulunkulu; 3bngokuba ngiyalikhumbula iphupho engaba nalo ngalezi zinto, akukho nayinye engayibonayo engenzakalanga.”
3cNankuya umthombo owaphenduka umfula, kwase kuba khona ukukhanya nelanga kanye namanzi amaningi, lo mfula ngu-Esteri, inkosi eyamthathayo yamenza indlovukazi. 3dIzilo ezimbili nguHamani nami. 3eIzizwe yilezo ezihlangane ukuchitha igama labaJuda. 3fKanti isizwe sami, ngu-Israyeli, yilabo abakhala kuNkulunkulu bakhululwa. UNkulunkulu ubasindisile abantu bakhe; iNkosi isophulile kubo bonke lobu bubi; uNkulunkulu uzenzile izimanga ezinkulu, izimanga ezingakaze zenzeke phakathi kwezizwe. 3gKwakungenxa yalesi sizathu wenza izinkatho ezimbili, eyodwa ingeyabantu bakaNkulunkulu, kanti enye ingeyezizwe zonke, 3hkwafika isikhathi phambi kukaNkulunkulu naphakathi kwezizwe sokuba kwenziwe isinqumo ngazo zombili lezi nkatho. 3iUNkulunkulu wayesebakhumbula abantu bakhe wasithetha isizwe esiyifa lakhe. 3kNgakho-ke bayogcina lezi zinsuku ngenyanga u-Adari, usuku lwe-14 nolwe-15 lwayo ngokuhlangana bathokoze bajabule phambi kukaNkulunkulu, izizukulwane ngezizukulwane kube phakade phakathi kwabantu bakhe aba-Israyeli.
Isiphetho
3lNgonyaka wesine wokubusa kukaPhitholemi kanye noKleyopatra, uDositheyusi owathi engumphristi kanye nomLevi, kanye nendodana yakhe uPhitholemi baletha eGibhithe le ncwadi ekhuluma ngePhurimi abathi isemthethweni futhi yayihunyushwe nguLisimakhusi indodana kaPhitholemi, omunye wezakhamuzi zaseJerusalema.
SIPHELA LAPHA ISENGEZO F.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.