Abantwana Nabazali
1Bantwana, hloniphani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. 2Hlonipha uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: 3ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. 4Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
Iziluleko Kuzo Izinceku Namakhosi
5Zinceku, hloniphani abangamakhosi enu ngokwenyama, ngokwesaba, ngokuthuthumela nangobuqotho benhliziyo yenu, kube sengathi kukuKhristu. 6Ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu; kodwa njengezinceku zikaKhristu, yenzani intando kaNkulunkulu ngenhliziyo. 7Khonzani ngenhliziyo ephelele kungathi nikhonza iNkosi, hhayi abantu, 8nazi ukuthi yilowo nalowo owenza okuhle uzakwemukela okunjalo eNkosini, noma ngabe uyinceku noma ungokhululekileyo.
9Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.
Izikhali ZamaKhristu
10Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 11Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane. 12Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabomoya bobubi emkhathini. 13Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, 15izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula; 16kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo, 17namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, 18ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke nikuMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, 19ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; 20engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
Isiphetho
21Kepha ukuze nani nazi ukuthi nginjani futhi ngenzani, uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, uyakunazisa konke. 22Ngimthumele kini ukuba nazi ukuthi sihleli kanjani, nokuba azigqugquzele izinhliziyo zenu.
23Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Khristu. 24Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Khristu ngothando olungapheliyo.