Amazwi Esivumelwano SikaSimakade Kwabakwa-Israyeli
1Nanka amazwi esivumelwano uSimakade amyala ngawo uMose ukuba asenze nabantu bakwa-Israyeli kwaMowabi ngaphandle kwaleso asenza nabo eHorebhe.
2UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke: 3izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, izibonakaliso nalezo zimangaliso ezinkulu. 4Kepha uSimakade akaninikanga inhliziyo yokuba nazi, namehlo okuba nibone, nezindlebe zokuba nizwe kuze kube yinamhlanje. 5Nganihola iminyaka engama-40 ehlane; izingubo zenu aziguganga emizimbeni yenu, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu. 6Anidlanga sinkwa, aniphuzanga wayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
7“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni, inkosi yaseHeshibhoni no-Ogi, inkosi yaseBhashani, baphuma bazolwa nathi, kodwa sabanqoba. 8Sadla izwe labo, salabela abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase, laba yifa labo.
9“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuze niphumelele kukho konke enikwenzayo.
10“Namuhla nimi nonke phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, izizwana zenu, amalunga enu, izinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli, 11izingane zenu, omkenu, nomfokazi ophakathi kwezinkambu zakho, kusukela kogawula izinkuni kuya kulowo okha amanzi, 12ukuba ungene esivumelwaneni sikaSimakade uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenza nawe namuhla uSimakade uNkulunkulu wakho, 13ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, naye abe nguNkulunkulu wakho, njengalokhu asho kuwe, nanjengalokhu afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe. 14Angenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani kuphela, 15ngisho nalowo omi nathi lapha namuhla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu, nalowo ongenathi namuhla 16ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala eGibhithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo, 17nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, zemithi, amatshe, isiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo 18funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela uSimakade uNkulunkulu wethu namuhla ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, bese kuba khona phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nokubabayo, 19kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo nokomileyo, 20uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu. 21USimakade uyakumehlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengazo zonke izivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.
22“Isizukulwane senu, abantwana benu eniyobazala, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakubona izinhlupheko zaleso sizwe, nobhubhane uSimakade alithele ngalo, 23lonke izwe lakhona lishiswe ngesibabule nosawoti, akunakutshalwa kulo, akukhuli lutho kulo, akumili lutho oluluhlaza, linjengokubhujiswa kweSodoma neGomora neZebhoyimi okwabhujiswa nguSimakade ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe. 24Yebo, zonke izizwe ziyothi: ‘USimakade wenzeleni kanje kuleli lizwe na? Kungani ukuvutha kwalolu laka kukukhulu kangaka na?’
25“Kuyothiwa ngalokho: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo asenza nabo mhla ebakhipha eGibhithe, 26bahamba bayokhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu ababengabazi, futhi abangahlukaniselwanga bona, 27ngalokho intukuthelo kaSimakade yalivuthela lelo lizwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi. 28USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’
29“Izimfihlakalo zingezikaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa okwambuliweyo kungokwethu nozalo lwethu kuze kube phakade ukuba siwenze wonke amazwi alo mthetho.”