Isijeziso Sokukhonza Abanye Onkulunkulu
1“Ungamhlabeli uSimakade uNkulunkulu wakho inkomo noma imvu enesici, enokuthile okubi, ngokuba lokho kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho. 2Uma komunye wemizi yakho owawunikwa nguSimakade uNkulunkulu wakho, kutholakala owesilisa noma owesifazane owenza okubi emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokweqa isivumelwano sakhe, 3ahambe, akhonze abanye onkulunkulu, akhuleke kubo, noma kungaba yilanga, yinyanga, noma yibandla lezulu, engingayalanga ngakho ukuba kukhonzwe, 4bese ubikelwa ngakho, uzwe, ubuzisise ngakho, uthole ukuthi kuyiqiniso, leyo nto enjalo eyisinengiso yenziwe kwa-Israyeli, 5lowo wesilisa noma wesifazane uyomkhiphela ngaphandle komuzi lokhu enzile into embi, umkhande ngamatshe, aze afe. 6Ngobufakazi bofakazi ababili noma abathathu lowo ofanele ukufa, uyakubulawa. Kodwa ngobufakazi bomuntu oyedwa, akayukubulawa. 7Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”
Umthetho Wokudlulisa Udaba Olunzima
8“Uma kuba khona indaba okumele uyehlulele, kodwa ikwehlule ukuyehlulela, kungaba iphakathi kwegazi nokuphathelene nalo, phakathi kwecala nokuphathelene nalo, ukushaya nokulimaza, kuyizindaba zokuphikisana phakathi kwamasango akho, ubosuka uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha. 9Uye kubaphristi bamaLevi, nakumehluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku, ukuze bakwazise isinqumo sokwehlulela. 10Ubokwenza njengalokhu benqumile, wenze lokho abayokutshela khona kuleyo ndawo uSimakade ayoyikhetha, uqaphele ukukwenza konke lokho abakufundisa khona. 11Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo. 12Umuntu oziqhenyayo, ongafuni ukulalela umphristi omiyo okhonza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, noma umehluleli, lowo muntu umelwe ngukufa; wena ukhiphe ububi kwa-Israyeli. 13Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besalokotha benze ngaleyo ndlela.
Umyalo Wokubekwa Kwenkosi
14“Lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle, uhlale kulo, bese uthi: ‘Ngizozibekela inkosi ingibuse njengazo zonke izizwe ezingizungezile,’ 15uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu. 16Kodwa akumele abe namahhashi amaningi, futhi angababuyiseli abantu eGibhithe, ukuze athole amahhashi amaningi. Ngokuba uSimakade ushilo kini, wathi: ‘Anisayukubuyela ngaleyo ndlela.’ 17Akayukuthola abafazi abaningi, funa inhliziyo yakhe ihlubuke, futhi angabi nesiliva negolide eliningi.
18“Kuyothi lapho ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi, azilobele ifuzela lalo mthetho, ethathisela emqulwini okubaphristi abangabaLevi. 19Liyohlala kuye, alifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wakhe. Awagcine wonke amazwi omthetho kaSimakade, enze lezi zimiso, 20angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”