USimakade Makhonzelwe Endaweni Ayikhethileyo
1“Nazi izimiso nezehlulelo eniyoqikelela ukuzigcina ezweni uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona, ukuba nilidle zonke izinsuku zokuphila kwenu emhlabeni: 2niyobhubhisa nishaye icole zonke izindawo lapho izizwe eniyakuziphuca izwe zazikhonza khona onkulunkulu bazo, ezintabeni eziphakemeyo, emagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza. 3Niyakudiliza ama-althare azo, niphihlize izinsika zazo, nishise ngomlilo o-Ashera bazo, ninqume izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo, nilishabalalise igama lazo kuleyo ndawo.
4“Nina aniyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wenu. 5Kepha indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha, kuzo zonke izizwe zenu, ukuba abeke igama lakhe lihlale kuyo, leyo ndawo niyakuyifuna, niye kuyo, 6niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu. 7Niyakudla lapho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nithokoze ngakho konke enibeka isandla senu kukho, nina nabendlu yenu, uSimakade uNkulunkulu wakho anibusise ngakho.
8“Aniyukuzenza zonke izinto esizenza lapha namuhla, njengoba yilowo nalowo enza akubona kulungile emehlweni akhe, 9ngokuba anikafiki endaweni yokuphumula nasefeni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona. 10Kepha niyowela iJordani, nihlale ezweni uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, libe yifa lenu. Uyakuninika ukuphumula ezitheni zenu zonke, nxazonke, futhi niyohlala nilondekile. 11Kuyokuthi indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale kuyo igama lakhe, nikuyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wokuphakanyiswa womkhiqizo wenu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa uSimakade. 12Niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, nina namadodana enu, amadodakazi enu, izinceku zenu, izincekukazi zenu, nomLevi ophakathi kwamasango enu, lokhu engenasabelo nafa elingelakhe phakathi kwenu. 13Xwaya ukuba unganikeli ngeminikelo yakho yokushiswa ezindaweni zonke ozibonayo, 14kodwa niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa endaweni uSimakade ayakuyikhetha kwesinye sezizwana zenu, nikwenze khona konke enginiyala ngakho.
15“Ningahlaba, nidle inyama phakathi kwayo yonke imizi yenu njengesifiso senhliziyo yenu nanjengesibusiso uSimakade uNkulunkulu wenu aniphe sona phakathi kwamasango enu. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayokudla kukho njengalokhu benza kweyensephe neyendluzele. 16Igazi kuphela eningayikulidla, kodwa niyakulichitha emhlabathini njengamanzi. 17Okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, okwezimvu zakho, izithembiso ozenzile, iminikelo yakho yesihle, umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, aniyukukudla ngaphakathi kwamasango enu. 18Khona niyokudla phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu, endaweni ayoyikhetha uSimakade uNkulunkulu wenu. Kuleyo ndawo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, nomLevi ohlala emzini wakho, niyothokoza phambi kukaSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke imikhiqizo yenu. 19Qaphela, funa ningamnakekeli umLevi zonke izinsuku zokuhlala kwenu ezweni.
20“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu enweba umngcele wenu njengoba ayethembisile, bese nithi: ‘Ngifuna ukudla inyama,’ njengoba inhliziyo yenu ifisa ukudla inyama, niyoyidla inyama njengokufisa kwenhliziyo yenu. 21Uma indawo uSimakade uNkulunkulu wenu ayikhetha ukuba abeke kuyo igama lakhe ikude nani, niyohlaba emhlanjini wenu nasezimvini zenu aniphe zona uSimakade, njengalokhu nganiyala, niyokudla lokho phakathi kwamasango enu njengokufisa kwenhliziyo yenu. 22Njengalokhu nidla insephe nendluzele, niyakukudla kanjalo. Ongcolileyo nohlambulukileyo bayakudla ngokufanayo. 23Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama. 24Aniyukulidla, kodwa niyakulichitha emhlabathini njengamanzi. 25Ningalidli ukuba kube kuhle kini nakubantwana benu emva kwenu, ngokuba niyobe nenza okulungile emehlweni kaSimakade.
26“Izinto zenu ezingcwele ezingezenu nezithembiso zenu niyozithatha, niye nazo endaweni ayakuyikhetha uSimakade. 27Niyonikela ngeminikelo yenu yokushiswa, inyama negazi e-althare likaSimakade uNkulunkulu wenu, igazi lemihlatshelo yenu lithelwe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wenu, nina nidle inyama. 28Qaphelani, ukuba niwezwe wonke lawa mazwi enginiyala ngawo ukuze kube kuhle kini nakubantwana benu eniyobazala kuze kube phakade, ngokuba niyobe nenza okuhle nokulungile emehlweni kaSimakade uNkulunkulu wenu.
29“Lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esezibhubhisile izizwe eziphambi kwakho, sewuzongena ukuba uzephuce izwe, nalapho sewuzephucile izwe, wahlala kulo, 30emveni kokuba sezibhujisiwe, qaphela ukuba zingabi wugibe kuwe, ngokuba ubuze ngonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe bezibakhonza kanjani onkulunkulu bazo, ukuze nami ngenze kanjalo na?’ 31Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.
32“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”