Umbono KaDaniyeli Ngesikhulu SasePheresiya NesaseJavani
1Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.
2Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu agcwele. 3Ngangingadli sinkwa sekhethelo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye, kwaze kwaphela amasonto amathathu.
4Ngosuku lwama-24 lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli, 5ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalo igolide elicwengekileyo lase-Ufazi. 6Umzimba wakhe wawunjengekhrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubenyezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.
7Mina, Daniyeli, yimi ngedwa engawubona umbono, ngokuba abantu ababenami abawubonanga, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka bayocasha. 8Ngasala ngedwa; ngawubona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa ngamandla, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla. 9Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngizwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.
10Ngathintwa yisandla, sanginyakazisa ukuba ngigaqe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami. 11Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli lizwi kimi, ngema ngithuthumela.
12Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwakala; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho. 13Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingama-21, kepha bheka, uMikhayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza wazongisiza, noma kade ngishiywe ngedwa khona namakhosi asePheresiya. 14Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”
15Esewakhulumile kimi lawo mazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula. 16Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla. 17Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho ngaphela amandla, nokuphefumula bekungasekho kimi.”
18Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa. 19Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.”
Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”
20Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho sengisukile kuso, kuyofika isikhulu saseJavani. 21Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akekho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikhayeli, isikhulu senu.