UBharukhi 5
1“Jerusalema, zithukulule izambatho zakho zosizi nokuhlupheka, wembathe ubuhle benkazimulo kaNkulunkulu ingunaphakade. 2Yembatha ingubo yokulunga evela kuNkulunkulu; thwala ekhanda lakho umqhele wenkazimulo yoNgunaphakade, 3ngokuba uNkulunkulu uyakuqhakambisa ubuhle benu noma yikuphi phansi komthunzi welanga. 4Ngokuba uNkulunkulu uyakukunika ingunaphakade igama elithi: ‘Ukuthula okulungileyo, neNkazimulo yokumesaba uNkulunkulu.’
5“Vuka, Jerusalema, yima eziqongweni; ubheke ngasempumalanga, ubone abantwana bakho beqoqwa entshonalanga nasempumalanga, ngokuba oNgcwele ukhulumile, beza bejabula ngoba uNkulunkulu ebakhumbulile. 6Ngokuba baphuma kuwe ngezinyawo, beholwa yizitha zabo, kodwa uNkulunkulu uyakubabuyisela kuwe, bebuya ngodumo, njengobuyela esihlalweni sobukhosi. 7Ngokuba uNkulunkulu uyalile ukuthi zonke izintaba eziphakemeyo nezintaba zaphakade zihlelenjwe nemigoxi igcwaliswe, yenziwe amathafa, ukuze u-Israyeli ahambe ngokuphephile ngodumo lukaNkulunkulu.
8“Amahlathi nazo zonke izihlahla ezinuka amakha zimkhoselise u-Israyeli njengokuyala kukaNkulunkulu. 9Ngokuba uNkulunkulu uyakumhola u-Israyeli ngentokozo, ekukhanyeni kwenkazimulo yakhe, uyakumhola ngesihawu nangobulungisa obuvela kuye uqobo.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.