1“Nkosi, Somandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, umphefumulo osebuhlungwini nomoya okhandlekile ukhala kuwe. 2Yizwa, Nkosi, ube nesihawu, ngokuba sonile phambi kwakho. 3Ngokuba wena uqhwakele esihlalweni sobukhosi ingunaphakade, thina siyabhubha ingunaphakade. 4Awu! Nkosi, Somandla, Nkulunkulu ka-Israyeli yizwa manje umkhuleko wabantu bakho aba-Israyeli, abantwana balabo abonile kuwe, abangalilalelanga izwi leNkosi uNkulunkulu wabo, okungakho izinhlupho zinamathele kithi nje. 5Ungazikhumbuli izono zokhokho bethu, kodwa kulesi simo esibucayi, khumbula amandla negama lakho. 6Ngokuba uyiNkosi uNkulunkulu wethu, futhi nguwe, Nkosi, esiyakumdumisa. 7Ngokuba ufakile ukukwesaba ezinhliziyweni zethu ukuze sibize igama lakho; siyakukudumisa nasekuthunjweni kwethu, ngokuba sidedisile ezinhliziyweni zethu bonke ububi bokhokho bethu, abona phambi kwakho.
8“Bheka, sisekuthunjweni lapho usihlakazele khona, ukuba sibe yisicunulo nesiqalekiso futhi sijeziswe ngabo bonke ububi bokhokho bethu, abakudela wena Nkosi Nkulunkulu wethu. 9Yizwa imiyalo yempilo Israyeli; beka indlebe, ufunde ukuhlakanipha. 10Kungani, Israyeli! Kungani ukuba ube sezweni lezitha zakho, ukuba ugugele ezweni okungelona elakho, 11uze ungcoliswe kanye nabafileyo, ubalwe nalabo abaseHayidesi na? 12Umhlubukile yena ongumthombo wokuhlakanipha. 13Uma ubuhambe ngendlela kaNkulunkulu, ubuyophila ngokuthula ingunaphakade.
14“Funda lapho kukhona ukuhlakanipha, lapho kukhona amandla, nalapho kukhona ukuqonda, ukuze ube nokwazi ukwahlukanisa lapho kukhona ubude bezinsuku nokuphila, nalapho kukhona ukwambulelwa kanye nokuthula. 15Ngubani oyitholile indawo yokuhlakanipha na? Ngubani oke wafinyelela enqolobaneni yakho na? 16Baphi ababusi bezizwe, nalabo ababusa izilwane zomhlaba; 17labo ababezithokozisa ngezinyoni zezulu, ababeqoqa isiliva negolide abantu abethembele kulo, futhi bengeneliswa ngabakuzuzayo na?
18“Baphi labo ababeceba ukuthola isiliva futhi bekhathazekile, kodwa okungekho ngisho umfanekiso wokuthi bake baphila na? 19Bonke bashabalala, bonke baphansi eHayidesi, baphakamile abanye ezindaweni zabo. 20Izizukulwane ezilandele bona zikubonile ukukhanya kosuku, futhi zaphila emhlabeni; kodwa nazo aziyifundanga indlela eya ekwazini, 21aziyazanga nendlela yakho, aziyifumananga. Izizukulwane zabo ziduke kakhulu endleleni. 22Akukaze kuzwakale eKhenani, noma kubonwe eThemani; 23inzalo kaHagari efuna ukuqonda emhlabeni, abathengisi baseMerani nakwaThemani, abathungi bezindaba nalabo abafuna ukuqonda, kabayifundanga indlela yokuhlakanipha, noma bacabangisise ngendlela yakho.
24“Awu! Israyeli, yeka ubukhulu bendlu kaNkulunkulu, yeka ububanzi bomhlaba ongowakhe! 25Mkhulu futhi awunamkhawulo; uphakeme futhi awulinganiseki. 26Kwasemandulo kwazalwa izikhondlakhondla ezazidumile, ezazihlonishwa futhi zinobuchule kwezempi. 27UNkulunkulu wayengazikhethile, futhi wayengazinikile indlela eya olwazini, 28ngakho-ke zabhubha ngoba zazingenakho ukuhlakanipha, zabhubha ngenxa yobulima bazo.
29“Ngubani owake wakhuphukela ezulwini, wakufumana, wabuya nakho emafwini na? 30Ngubani owawela izilwandle wakufumana, futhi ongakuthenga ngentengo yegolide elicwengekile na? 31Akekho oyaziyo indlela eya kukho noma okhathazekile ngendlela eya kukho. 32Kepha yena owazi konke uyakwazi khona, wakuthola ngokuqonda kwakhe. Lowo owalungisela umhlaba izikhathi zonke, wawugcwalisa ngezidalwa ezinyawo-zine; 33nowathumela ukukhanya kuphume; owakubiza, kwamlalela, kuthuthumela; 34izinkanyezi zakhanya emlindweni wazo, zaba nokuthokoza; 35wazibiza, zathi: ‘Silapha!’ Zakhanya ngokuthokoza ngenxa yalowo ozenzileyo.
36“Lona nguNkulunkulu wethu; akekho ongalinganiswa naye. 37Wayifumana indlela eya olwazini, wayinikeza inceku yakhe uJakobe kanjalo no-Israyeli, ayemthanda. 38Ngemuva kwesikhathi kwabonakala emhlabeni futhi kwakha nesintu.”