1Lawa ngamazwi encwadi uBharukhi indodana kaNeriya, kaMasayu, kaZedekiya, kaHasadiya, kaHilikhiya, awabhala eseBhabhiloni, 2ngomnyaka wesihlanu, ngosuku lwesikhombisa lwenyanga, ngesikhathi amaKhaledi ethumba iJerusalema futhi elithungela ngomlilo. 3UBharukhi wafunda amazwi ale ncwadi phambi kukaJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kanye nabo bonke abantu ababezele ukuzwa le ncwadi, 4nabo bonke abahloniphekile, amadodana amakhosi, abadala, abancane nabakhulu, ababehlala eBhabhiloni ngasemfuleni iSudi. 5Bakhala, bazila, bakhuleka phambi kweNkosi; 6baqoqa imali engangamandla alowo nalowo, 7bayithumela kuJehoyakimi indodana kaHilikiya kaShalumi, nakubaphristi, nakubo bonke abantu ababenaye eJerusalema. 8Ngosuku lweshumi kweka-Sivani, uBharukhi wathatha izitsha zendlu kaSimakade, ezazithathwe ethempelini, emva kokuba inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari ayethumbe eJerusalema uJekhoniya, abantwana bobukhosi, iziboshwa, abahloniphekile, nabantu bezwe, 9wazibuyisela ezweni lakwaJuda; kwakuyizitsha zesiliva uSedekiya indodana ka-Josiya inkosi yakwaJuda ayezenzile.
Incwadi Eya EJerusalema
10Abantu bathi: “Sinithumelela le mali ukuba nithenge ngayo iminikelo yokushiswa, neminikelo yesono, kanye nempepho, nokuba nilungise umnikelo wokusanhlamvana, nikunikele e-Althare leNkosi uNkulunkulu wethu, 11nikhulekele inkosi yaseBhabhiloni uNebukhadinezari kanye nendodana yakhe uBhalitasari, ukuba izinsuku zabo emhlabeni zifane nezinsuku zasezulwini. 12Ngalokho iNkosi iyakusiqinisa isinike amandla ibe ngukukhanya kwamehlo ethu; siyakuphila ngaphansi kovikelo lukaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni nendodana yayo uBhalitasari, futhi siyakumkhonza izinsuku eziningi sifumane umusa emehlweni abo. 13Sikhulekeleni futhi eNkosini uNkulunkulu wethu, ngokuba sonile eNkosini uNkulunkulu wethu, kuze kube namuhla ulaka lwayo lusasivuthela, ayikasixoleli. 14Futhi uyakuwufunda ngezwi elizwakalayo lo mqulu esiwuthumela nawe, ukuba wenze imvumo yakho ethempelini likaSimakade ngezinsuku zomkhosi nangezikhathi ezimisiweyo.”
Umthandazo Wokuvuma Izono
15“Uyakuthi: ‘Nkosi Nkulunkulu wethu ulungile, kodwa thina sembethe ihlazo kuze kube kalokhu; thina bantu bakwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema, 16amakhosi nababusi, abaphristi, nabaphrofethi, nakubo okhokho bethu 17ngokuba sonke sonile phambi kweNkosi. 18Asilalelanga, asililalelanga izwi leNkosi uNkulunkulu wethu, ukuba sihambe ngokwezimiso iNkosi ezibeke phambi kwethu. 19Kusukela ezinsukwini iNkosi eyakhuphula ngazo okhokho bethu ezweni laseGibhithe kuze kube namuhla. Sibe ngamahlongandlebe phambi kweNkosi uNkulunkulu wethu, asililalelanga izwi layo. 20Ngakho-ke kuze kube manje sikhungethwe izinhlekelele neziqalekiso, iNkosi eyazimemezela ngoMosi inceku yayo ngenkathi ikhulula okhokho bethu ezweni laseGibhithe ukusinika leli lizwe eligcwele ubisi noju. 21Asililalelanga izwi leNkosi uNkulunkulu wethu eyalikhuluma ngabaphrofethi eyayibathumele kithi, 22kodwa sonke salandela ogovane bezinhliziyo zethu ezonakeleyo ngokukhonza abanye onkulunkulu nangokwenza okubi emehlweni eNkosi uNkulunkulu wethu.’ ”