3 KaJohane 1
Isibingelelo
1Ilunga, kuGayu othandekayo, engimthanda ngeqiniso.
2Mzalwane, ngikufisela ukuba uphumelele kukho konke, futhi ube nokuphila okuhle, njengokuba umphefumulo wakho uphilile. 3Ngathokoza kakhulu ngesikhathi kufika abazalwane, befakaza ngokwethembeka kwakho eqinisweni, njengalokhu uhamba kulo. 4Ayikho intokozo eyedlula leyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.
Ukunakekela Abazalwane
5Mzalwane, wenza umsebenzi wokwethembeka ngokunakekela abazalwane ikakhulukazi labo ongabazi. 6Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu. 7Ngokuba ngenxa yeGama, baphuma bengaphethe lutho phakathi kwabezizwe. 8Ngakho-ke simele ukubamukela nokubasiza abantu abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.
Ukusolwa KukaDiyothrefesi Nokutuswa KukaDemethriyu
9Ibandla ngalibhalela okuthile, kodwa uDiyothrefesi othanda ukuba ngungqaphambili, akasemukeli. 10Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.
11Mzalwane, ungalokothi ulandele okubi, kodwa ulandele okuhle kuphela. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu, kodwa owenza okubi akambonanga uNkulunkulu. 12UDemethriyu ufakazelwa yibo bonke abantu, ngisho neqiniso uqobo. Nathi-ke siyafakaza ngaye, uyazi-ke nawe ukuthi ubufakazi bethu buliqiniso.
Isiphetho
13Bengisenokuningi ebenginganilobela ngakho, kodwa angithandi ukukubhala ngoyinki nosiba. 14Kepha ngiyethemba ukuthi ngizakunibona masinyane, sikhulume ubuso nobuso.
15Ukuthula makube nawe. Bayakhonza kuwe abazalwane, nawe khonza kubo bonke abazalwane abalapho, ubagagule ngamagama.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.