2 KwabaseThesalonikha 2
Ukufika KweNkosi Nokufika Komuntu Ongenamthetho
1Mayelana nokubuya kweNkosi yethu uJesu Khristu, nokubuthanela kwethu kuyo, siyaninxusa bazalwane, 2ukuba ningasheshi ukuxoveka emqondweni wenu, futhi ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi okungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKhristu selufikile. 3Makungabi bikho muntu onikhohlisayo noma ngayiphi indlela, ngokuba aluyukufika usuku kungakafiki kuqala ukuhlubuka, nokwembulwa komuntu ongenamthetho, indodana yembubhiso, 4omelene nakho konke, nozikhukhumezayo kukho konke okubizwa ngoNkulunkulu noma yini ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu, ezenza uNkulunkulu.
5Anikhumbuli yini ukuthi ngisenani nganitshela ngalokho na? 6Seniyakwazi okumbambezeleyo manje, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe. 7Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela nje ukuba kudediswe yena obambezelayo manje. 8Kulapho-ke eyakwambulwa khona lowo ongenamthetho, eyakumqothula ngomoya womlomo wayo iNkosi uJesu, imbhubhise ngokubonakala kwayo mhla ifika. 9Ukufika kwalowo ongenamthetho kuyacaca emsebenzini kaSathane, osebenza ngawo onke amandla, nangezibonakaliso, nezimangaliso ezingamanga, 10nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengakuvumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe. 11Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela ukulutheka okunamandla, ukuze bakholwe ngamanga, 12ukuba behlulelwe bonke abangakholwanga yiqiniso, kodwa bejabulela ukungalungi.
Ukubonga Nokunxusa KukaPawula
13Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso, 14anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Khristu. 15Ngalokho-ke bazalwane, yimani niqine, nibambelele kulelo qiniso enalifundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16Sengathi iNkosi yethu uJesu Khristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle, 17angazigqugquzela izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.