2 KwabaseThesalonikha 1
Isibingelelo
1UPawula, uSilvanu, noThimothewu kulo ibandla laseThesalonikha elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu: 2makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Ubonga Ukusabalala Kwevangeli Ebandleni
3Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba ukukholwa kwenu kuyanda kakhulu, kanjalo futhi luyanda nothando lwenu nonke enithandana ngalo omunye nomunye. 4Thina uqobo sizincoma ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa, nibekezela kukho konke ukuzingelwa kwenu, nokuhlushwa kwenu. 5Lokho kungubufakazi obucacileyo bokwehlulela kukaNkulunkulu okulungileyo, ukuze kuthiwe ningabawulungeleyo umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo. 6Uma kuyinto elungile kuNkulunkulu uyakukubuyisela ukuhlupheka kulabo abanihluphayo, 7bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo, 8iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu. 9Laba-ke bazakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade, basuswe ebukhoneni beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe, 10lapho ifika ukuba ikhazimuliswe kubo abangcwele bayo, idunyiswe ngalolo lusuku yibo bonke abakholwayo, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.
11Ngenxa yalokho, siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nifanele ukubizwa kwenu, akuphelelise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa, 12ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Khristu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.