Incwadi Eyayibhalelwe AbaJuda AyeseGibhithe
1“AbaJuda aseJerusalema nalawo asezweni laseJudiya, kubahlobo babo abangamaJuda ezweni laseGibhithe, ukuthula nothando. 2Sengathi uNkulunkulu anganenzela okuhle, futhi sengathi angasikhumbula isivumelwano no-Abhrahama no-Isaka noJakobe, izinceku zakhe ezithembekileyo. 3Makaninike nonke inhliziyo yokumdumisa nokwenza intando yakhe ngenhliziyo eqinisileyo nomoya ovumayo. 4Makavule inhliziyo yenu emithethweni nasemiyalweni yakhe, aniphe ukuthula. 5Makayizwe imithandazo yenu, abuyisane nani, futhi makanganishiyi ngesikhathi sobunzima nesobubi. 6Siyanikhulekela njengamanje lapha. 7Ngomnyaka we-169 wokubusa kukaDemetriyu, thina baJuda sanibhalela ngesikhathi sobunzima esasisehlele ngaleyo minyaka, emuva kokuba uJasoni nethimba lakhe bevukele umuzi ongcwele kanye nombuso; 8bashisa amasango bachitha negazi labaningi abangenacala. Sakhuleka enkosini yasizwa, sanikela ngemihlatshelo nangeminikelo yokusanhlamvu, sakhanyisa izibani sakhipha nezinkwa. 9Ngakho-ke manje bonani ukuthi niyawugcina umkhosi wamadokodo ngenyanga kaKislevi ngomnyaka we-188.”
Incwadi Ebhalelwe U-Aristobulusi
10“Abantu baseJerusalema nabaseJudiya, nomkhandlu wezigele kanye noJudase: ku-Aristobulusi, ongowozalo lwabaphristi abagcotshiwe, umfundisi wenkosi uPhitholemi, nakuwo abajuda aseGibhithe, Siyanibingelela sinifisela impilo enhle. 11Simbonga kakhulu uNkulunkulu osihlengile ezingozini eziningi ezimbi, nangokusimela kwakhe sibhekene nenkosi, 12ngokuba ubaxoshile bonke abebemelene nathi belwa nomuzi ongcwele. 13Lapho umholi efika ePheresiya nempi eyayinkulu kungathi akukho muntu ongamelana nayo, benziwa izitokwe ethempelini likaNaniya ngenxa yecebo elidukisayo elenziwa ngabaphristi bakankulunkulu uNaniya. 14U-Antiyokhusi ezenzisa sengathi uqonde ukuganwa nguye, wafika kuleyo ndawo nabangani bakhe, ukuzothatha ingcebo yalo eningi njengelobolo. 15Lapho abaphristi bethempeli likaNaniya sebeyibekile yonke ingcebo, esefikile no-Antiyokhusi namadoda ambalwa, bangana ngaphakathi kobonda lwendawo engcwele, balivala ithempeli lapho eqeda nje ukungena. 16Bavula umnyango ofihlakele ophahleni, babajikijela ngamatshe bamshaya umholi namadoda ayehamba nawo; babanquma izitho ezithile, banquma namakhanda bawaphonsa kubantu ngaphandle. 17Makadunyiswe ngakho konke uNkulunkulu wethu, olethe ukwahlulelwa kwalabo abaziphathe ngokungcola.”
Umlilo Uqothula Umnikelo KaNehemiya
18Njengoba ngolwama-25 kwekaKhislevi sizobe sigubha umkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli, sikubone kufanelekile ukuba sinazise, ukuze nani nigubhe umkhosi wamadokodo kanye nomkhosi womlilo owanikezwa lapho uNehemiya, owakha ithempeli kanye ne-althare, enikela imihlatshelo. 19Ngokuba lapho okhokho bethu beya ekuthunjweni ePheresiya, abaphristi abalungileyo baleso sikhathi bathatha omunye womlilo wase-althare bawufihla emgodini womthombo owawomile, lapho abaqikekela khona ukuba leyo ndawo ingaziwa muntu. 20Kepha lapho sekudlule iminyaka eminingi, kukuhle kuNkulunkulu, uNehemiya egunyaziwe yinkosi yasePheresiya, wathumela abenzalo yabaphristi ababewufihlile umlilo ukuba beze bawuthathe. Lapho besibikela ukuthi abawutholanga umlilo kodwa bafica amanzi alugqinsi, wabayala ukuba bawakhe beze nawo. 21Kepha lapho sekulethwa lokho okwakuzosetshenziswa ekunikeleni, uNehemiya wayala abaphristi ukuba bachele umlilo nakho konke okusetafuleni lemihlatshelo ngala manzi. 22Lapha sekwenziwe lokho futhi sekwedlule isikhashana, kwathi lapho kuvela ilanga, elalikade lembozwe ngamafu likhanya, kwadunqa umlilo omkhulu, owamangalisa bonke. 23Ngenkathi umhlatshelo usha, abaphristi banikela imikhuleko, bekhulekela abaphristi nabantu bonke. UJonathani wahola, kwathi bonke abanye bamvumela, njengoba noNehemiya enza.
Umkhuleko KaNehemiya
24Umkhuleko wawuthi: “Nkosi! Nkosi Nkulunkulu, Mdali wezinto zonke, uyesabeka futhi unamandla, ulungile unesihawu, wena wedwa Nkosi unesihe, 25wena wedwa uyachichima, wena wedwa ulungile, unamandla, uphakade. Uyamophula u-Israyeli ebubini bonke; wabakhetha okhokho futhi wabangcwelisa. 26Wemukele lo mkhuleko wabantu bakho u-Israyeli, usigcine isabelo sakho usenze sibe ngcwele. 27Babuthele ndawonye abantu bakithi abahlakazekile, ukhulule labo abacindezelweyo phakathi kwabezizwe, ubheke bonke abaliwayo nababukelwa phansi, wenze ukuba abezizwe bazi ukuthi unguNkulunkulu wethu. 28Bajezise labo abacindezelayo futhi begcwele ubujaka nempakamo. 29Bagxilise abantu bakho endaweni yakho engcwele, njengoba ayethembisile uMose.”
Inkosi YamaPheresiya Iyezwa Ngomlilo
30Abaphristi base becula amaculo. 31Lapho izinto zonke zomhlatshelo sezishile, uNehemiya wayala ukuba amanzi ayesele athelwe etsheni elikhulu. 32Sekwenziwe lokhu, ilangabi lavutha lakhuphuka; kodwa lapho ukukhanya okuvela e-althare kukhanya, lacima. 33Sekuzwakele ngakho konke lokhu, kwabikwa enkosini yamaPheresiya ukuthi, endaweni lapho abaphristi ababethunjiwe bafihla khona umlilo, kuvele uketshezi alusebenzisile uNehemiya nabambisene nabo ukuba bashise umhlatshelo. 34Inkosi yaluhlolisisa lolu daba, yayibiyela indawo yayenza yaba ngcwele. 35Inkosi yabapha izipho bonke labo ababenogazi ibathanda. 36UNehemiya nabambisene nabo bakubiza lokhu ngokuthi: “iNefuthari”, okusho “ukuhlanzwa”, kodwa abantu abaningi bakubiza ngokuthi: “nafutha”.