U-Azariya Uyinkosi KwaJuda
1Kwathi ngonyaka wama-27 wokubusa kukaJerobhowamu, inkosi ka-Israyeli, u-Azariya, indodana ka-Amaziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi kwaJuda. 2Wayeneminyaka eli-16 ngesikhathi eqala ukubusa. Wabusa iminyaka engama-52 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJekholiya waseJerusalema. 3 Wenza okulungile emehlweni kaSimakade njengalokhu kwenza uyise, u-Amaziya. 4Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga, abantu babesalokhu behlaba khona, beshisa impepho kuzo.
5USimakade wayishaya ngesifo sochoko inkosi kwaze kwaba sekukhothameni kwayo; yayihlala endlini eqhelile kwezinye. UJothamu, indodana yenkosi, wayengamele umuzi, ehlulela abantu bezwe.
6Ezinye izindaba zika-Azariya, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 7U-Azariya walaliswa kokhokho bakhe, bammbela kokhokho bakhe emzini kaDavide. UJothamu, indodana ka-Azariya, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UZakhariya Uyinkosi Kwa-Israyeli ESamariya
8Ngonyaka wama-38 wokubusa kuka-Azariya, inkosi kwaJuda, uZakhariya, indodana kaJerobhowamu, waba yinkosi kwa-Israyeli, eSamariya, izinyanga eziyisithupha. 9 Wenza okubi emehlweni kaSimakade njengoba kwenza okhokho bakhe, akachezukanga ekwenzeni izono ezazenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
10UShalumi, indodana kaJabheshi, wamakhela uzungu wambulala phambi kwabantu, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe.
11Ezinye izindaba zikaZakariya azilotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 12 Yilelo izwi likaSimakade alikhuluma kuJehu, wathi: “Amadodana akho, kuze kube sesizukulwaneni sesine, ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.”
Kwaba kanjalo.
UShalumi Uyinkosi Kwa-Israyeli
13UShalumi, indodana kaJabheshi, waba yinkosi ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Uziya, inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga yaba yinye vo, eSamariya. 14UMenahemu, indodana kaGadi, wenyukela eThiriza; wafika eSamariya wabulala uShalumi, indodana kaJabheshi, wayesebusa esikhundleni sakhe.
15Ezinye izindaba zikaShalumi, nogobe lwakhe alwenzayo kulotshiwe ngazo encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
16Ngaleso sikhathi, uMenahemu wabhubhisa iThifisa nakho konke okwakukulo, izifunda zalo kusuka eThiriza, ngokuba abazange bamvumele. Walibhubhisa, waqhaqha bonke abesifazane ababekhulelwe.
UMenahemu Uyinkosi Kwa-Israyeli
17Ngonyaka wama-39 wokubusa kuka-Azariya, inkosi kwaJuda, uMenahemu, indodana kaGadi, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka elishumi eSamariya. 18 Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga, zonke izinsuku zakhe, ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
19 Kwase kufika uPhuli, inkosi yase-Asiriya, ukuzohlasela izwe. UMenahemu wamnika uPhuli amathalenta ayinkulungwane esiliva, ukuze amsize ukuqinisa umbuso esandleni sakhe. 20UMenahemu wakhokhisa u-Israyeli nabo bonke abantu ababecebile, imali, umuntu ngamunye wayekhipha amashekeli angama-50 ukuze awanike inkosi yase-Asiriya. Inkosi yase-Asiriya yayisibuyela kwelakubo, ayabe isahlala ezweni.
21Ezinye izindaba zikaMenahemu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 22UMenahemu walaliswa kokhokho bakhe; uPhekhaya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UPhekhaya Uyinkosi Kwa-Israyeli ESamariya
23Ngonyaka wama-50 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPhekhaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli, eSamariya; wabusa iminyaka emibili. 24Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli. 25UPheka, indodana kaRemaliya, umkhuzi wempi yakhe, wamakhela uzungu ekanye nabangama-50 bakwaGileyadi. Bambulala eSamariya esenqabeni yesigodlo no-Arigobhi no-Ariye, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
26Ezinye izindaba zikaPhekhaya nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
UPheka Uyinkosi Kwa-Israyeli
27Ngonyaka wama-52 wokubusa kuka-Azariya, inkosi yakwaJuda, uPheka, indodana kaRemaliya, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka engama-20 eSamariya. 28Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga ezonweni zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli.
29Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya. 30 UHosheya, indodana ka-Ela, wamakhela uzungu uPheka, indodana kaRemaliya, wamhlasela, wambulala, wayeseba yinkosi esikhundleni sakhe; kwakungunyaka wama-20 wokubusa kukaJothamu, indodana ka-Uziya.
31 Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
UJothamu Uyinkosi KwaJuda
32 Ngonyaka wesibili wokubusa kukaPheka, indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu, indodana ka-Uziya, waba yinkosi yakwaJuda. 33Wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eqala ukubusa, wabusa iminyaka eli-16 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJerusha, indodakazi kaZadoki. 34Wenza okulungileyo emehlweni kaSimakade, wenza njengakho konke ayekwenzile uyise u-Uziya. 35Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, beshisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango elingenhla endlini kaSimakade.
36Ezinye izindaba zikaJothamu, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
37Ngalezo zinsuku uSimakade wathumela kwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu, noPheka, indodana kaRemaliya. 38UJothamu walalaliswa kokhokho bakhe, wembelwa kokhokho bakhe emzini kaDavide. U-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.