1Sengathi ningangibekezelela kulobu buwulana bami, yebo, ngibekezeleleni. 2Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa. 3Kepha nginovalo ukuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zedukiswe, ziyeke ubuqotho nobumhlophe kuKhristu. 4Uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingakaze sinishumayeze Yena, noma namukela omunye umoya eningawemukeliswanga, noma elinye ivangeli elehlukile eningalemukeliswanga, niyashesha ukukubekezelela lokho. 5Ngokuba ngicabanga ukuthi angehluke ngalutho kulabo baphostoli abaziwa kakhulu. 6Noma ngakolunye uhlangothi ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngolwazi; lokho sikubonakalisa kinina ngezindlela zonke nasezintweni zonke.
7Kumbe ngonile yini ngokuzithoba, ukuze nina niphakanyiswe, kwazise ivangeli likaNkulunkulu nganishumayeza lona ngesihle na? 8Ngawaphanga amanye amabandla ngokuthatha umholo kuwo, ukuze ngikhonze nina. 9Nalapho nginani ngeswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakhedoniya bakuqeda ukweswela kwami. Ezintweni zonke ngaqinisela ukuba ngingabi ngumthwalo kini, namanje ngisazokuzilinda. 10Njengokuba iqiniso likaKhristu likimi, ukuzincoma kwami anginakuphucwa khona ezifundeni e-Akhaya. 11Ngani na? Ngenxa yokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi. 12Kepha engikwenzayo ngizoqhubeka ngikwenze, ukuze ngibancishe ithuba labo abafuna ithuba lokuba babonakale kungathi bayalingana nathi ngalokho abazincoma ngakho.
13Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi zenkohlakalo, eziziguqula zizenze abaphostoli bakaKhristu. 14Nokho akumangalisi, ngokuba noSathane waziguqula wazenza ingelosi yokukhanya. 15Ngakho-ke akuyona into enkulu uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga, kodwa ukuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo. 16Ngiyaphinda ngithi: makungabi bikho muntu ocabanga ukuthi ngiyisiwula, noma ngabe nicabanga kanjalo, kepha ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizincome kancane. 17Engikushoyo maqondana nalokhu kuzincoma, angikusho ngegunya elivela eNkosini, kodwa njengesiwula. 18Ngenxa yokuba baningi abazincomayo ngokwenyama, nami-ke ngiyazincoma. 19Nina niyazibekezelela ngenjabulo iziwula, nibe nihlakaniphile nina, 20ngokuba niyakubekezela uma umuntu enenza izigqila, enichutha, enibamba, ezikhukhumeza, nalapho enimukula ebusweni. 21Nginamahloni ukuba ngisho lokhu, ngokuba kade sibuthakathaka, kodwa manje umuntu anesibindi ngakho – ngikhuluma ngobuwula, nami nginesibindi ngakho. 22BangamaHebheru yini na? Nami nginguye. Bangaba-Israyeli na? Nami nginguye. Bangabolibo luka-Abhrahama na? Nami ngiyilo. 23Bayizikhonzi zikaKhristu na? Ngikhulumisa okohlanya, ngokuba mina ngiyisikhonzi ukwedlula bona. Ngasebenza ngokuzikhandla okukhulu kunabo, ngaboshwa izikhawu eziningi kunabo, ngashaywa kaningi impela, ngaba phakathi kokufa kaningi. 24KubaJuda, ngabhaxatshulwa imivimbo engama-40, amahlandla ayisihlanu, kusala kuphela owodwa ema-40. 25Ngashaywa ngezinduku izikhathi ezintathu, ngakhandwa kanye ngamatshe, izikhathi ezintathu ngalinyalelwa ngumkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini. 26Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga. 27Ngokusebenza nangokukhandleka, ngiqwashile kaningi ebusuku, ngokulamba, ngokoma, ngokuzila ukudla izikhathi eziningi, ngokuququdwa ngamakhaza, nangokuhamba ze. 28Ngaphandle kwalokhu, ngihlale ngiphansi kokucindezelwa imihla yonke ngenxa yokukhathazeka kwami ngamabandla wonke. 29Ngubani obuthakathaka, nami ngingabi buthakathaka na? Ngubani okhubekiswayo, ngingamzweli ubuhlungu na?