UJosiya Ugubha Iphasika
1UJosiya waligcina iphasika likaSimakade eJerusalema. Balihlaba iphasika ngosuku lwe-14, ngenyanga yokuqala. 2Wabeka abaphristi ezikhundleni zabo, wabagqugquzela emsebenzini wendlu kaSimakade. 3Wathi kubaLevi ababefundisa wonke u-Israyeli, futhi ababengcwele kuSimakade: “Bekani umphongolo ongcwele endlini eyakhiwa nguSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli. Akuseyukuba bikho mthwalo phezu kwamahlombe enu, manje mkhonzeni uSimakade uNkulunkulu wenu nabantu bakhe, u-Israyeli. 4Zilungiseni ngokwezindlu zokhokho nangokwezigaba zenu, njengokubhala kukaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, nanjengokubhala kukaSolomoni, indodana yakhe, 5nime endaweni engcwele ngokwezigaba zezindlu zokhokho babafowenu, abantu besizwe, kube khona abaLevi kuleso naleso sigaba sendlu yokhokho. 6Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungise abafowenu ukuba benze njengokwezwi likaSimakade njengoba kulobe uMose.”
7UJosiya wanika abantu besizwe bonke ababekhona, imihlambi yamawundlu namazinyane ezimbuzi, konke kwaba yiminikelo yephasika, sekukonke kwakuyizi-30 000, nezinkunzi eziyizi-3 000 okwakuthathwe empahleni yenkosi.
8Izikhulu zakhe zanika abantu, abaphristi nabaLevi iminikelo yesihle. UHilikiya, uZakhariya, noJiheyeli abaphathi bendlu kaNkulunkulu banika abaphristi amawundlu ayizi-2 600, nezinkabi ezingama-300, ukuba benze iminikelo yephasika. 9UKhonaniya, uShemaya, uNethaneli nabafowabo, uHashabhiya, uJehiyeli, noJozabhadi abaholi babaLevi, banika abaLevi amawundlu ayizi-5 000 nezinkabi ezingama-500, kwaba ngokweminikelo yephasika.
10Yalungiswa-ke inkonzo: abaphristi bema ezindaweni zabo, nabaLevi bema ngezigaba zabo njengesiyalezo senkosi. 11Balihlaba iphasika abaphristi ngezandla zabo, bafafaza igazi, abaLevi balihlinza. 12Babeka eceleni iminikelo yokushiswa ukuze yabelwe abantu besizwe ngokwamaqembu nangokwezindlu zokhokho ukuze bakunikele kuSimakade, njengalokhu kulotshwe encwadini kaMose. Benza kanjalo nasezinkabini. 13Balosa iphasika emlilweni njengokomthetho, neminikelo engcwele bayibilisa emabhodweni, ezisefeni nasemapanini, bashesha bayinika bonke abantu besizwe. 14Kamuva bazilungisela bona nabaphristi, ngokuba abaphristi abangamadodana ka-Aroni babelokhu benikela iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku, yingakho-ke abaLevi bazilungisela bona nabaphristi abangamadodana ka-Aroni.
15Abahlabeleli, amadodana ka-Asafa, babesendaweni yabo njengokomyalo kaDavide, u-Asafa, uHemani noJeduthuni, umboni wenkosi; abalindimasango babengasesangweni; sasingekho isidingo sokuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo, abaLevi, babebalungisele.
16Ngakho-ke yonke inkonzo kaSimakade yalungiswa ngalolo lusuku ukuba kugcinwe iphasika, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa e-althare likaSimakade njengalokhu kwakuyaleze inkosi uJosiya. 17Abakwa-Israyeli ababekhona lapha baligcina iphasika ngaleso sikhathi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, izinsuku eziyisikhombisa. 18Kwakungakaze kwenziwe iphasika elinjengalelo, kusukela emihleni kaSamuweli, umphrofethi, kwa-Israyeli. Wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengakaze aligcine iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabaphristi, abaLevi, uJuda wonke, no-Israyeli wonke bendawonye, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema. 19Leli phasika lagcinwa ngonyaka we-18 wokubusa kukaJosiya.
Ukukhothama KukaJosiya
20Sekwedlule konke lokhu, uJosiya eselilungisile ithempeli, kwakhuphuka uNekho, inkosi yaseGibhithe, ukuba ayokulwa neKharikhemishi ngaseYufrathe; uJosiya waphuma ukuyomhlangabeza. 21Kepha wathumela izithunywa kuJosiya, wathi: “Nginandabani nawe nkosi yakwaJuda na? Angize khona ukuba ngizokulwa nawe, kepha ngixabene nendlu engilwa nayo. UNkulunkulu ungitshele ukuba ngisheshe, mgweme uNkulunkulu onami ukuze angakubhubhisi.”
22Kepha uJosiya akaphendukanga, kunalokho wazifihla ukuze alwe naye, akawalalelanga amazwi kaNekho ayevela emlonyeni kaNkulunkulu, wahamba wayokulwa esigodini saseMegido.
23Abacibayo bayinemba inkosi, inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni ngokuba ngilimele kakhulu.”
24Izinceku zayo zayikhipha enqoleni, zayigibelisa enqoleni yayo yesibili, zayiyisa eJerusalema. Yakhothama, yangcwatshwa emadlinzeni okhokho bayo. UJuda wonke neJerusalema bamlilela uJosiya.
25UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.
26Ezinye izindaba zikaJosiya, izenzo zakhe ezilungileyo njengokulotshiweyo emthethweni kaSimakade, 27izindaba zakhe, ezakuqala nezokugcina; bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.