U-Amaziya Uyinkosi KwaJuda
1U-Amaziya wayeneminyaka engama-25 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa iminyaka engama-29 eJerusalema. Igama likanina kwakunguJehohadani waseJerusalema. 2Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, nokho engakwenzi ngenhliziyo epheleleyo. 3Kwathi lapho umbuso wakhe ususimeme, wazibulala izinceku zakhe ezazibulale inkosi, uyise. 4Kepha akababulalanga abantwana bazo, kodwa wenza njengokulotshiweyo emthethweni, encwadini kaMose njengokuyala kukaSimakade, ethi: “Oyise abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yoyise, kodwa yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
U-Amaziya Unqoba Abakwa-Edomi
5U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu. 6Waqasha kwa-Israyeli amaqhawe anamandla ayizi-100 000, ngamathalenta ayikhulu esiliva.
7Kwafika umuntu kaNkulunkulu, wathi kuye: “Nkosi, ungahambi nempi yakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade akanaye u-Israyeli nabo bonke abantwana bakwa-Efrayimi. 8Kepha uma uphuma nabo ngokuba uthi wenzela ukuba iqine impi yakho, uNkulunkulu uyakukuqumba phansi phambi kwezitha zakho, ngokuba uNkulunkulu unamandla okuqumba phansi nokusiza.”
9U-Amaziya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Pho manje sizokwenzenjani ngamathalenta ayikhulu engikhokhele ngawo impi yakwa-Israyeli na?”
Umuntu kaNkulunkulu wathi: “USimakade unamandla okukunika okuningi kunalokho.”
10U-Amaziya wawahlakaza amabutho ayefike kuye evela kwa-Efrayimi ukuba abuyele ezindaweni zawo, kepha lokho kwenza amthukuthelele kakhulu uJuda, abuyela ezindaweni zawo ethukuthele kakhulu.
11U-Amaziya waqunga isibindi, wahola abantu bakhe waya eSigodini Sikasawoti, wabulala abantu baseSeyiri abayizi-10 000. 12Abantu bakwaJuda bathumba abaseSeyiri abayizi-10 000 babayisa esiqongweni sewa bephila, babaphonsa phansi eweni, baphihlizeka bonke.
13Kepha amabutho u-Amaziya ayewaphindisele emuva, angaphumanga nawo ukuya empini, ahlasela imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBhethi Horoni; abulala kuyo izi-3 000, athatha impango eningi.
14Kwathi u-Amaziya esebuyile ekubulaleni abakwa-Edomi, waletha onkulunkulu babantu baseSeyiri, wabamisa baba ngonkulunkulu bakhe, wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho. 15Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Amaziya, wathumela kuye umphrofethi, wathi kuye: “Ubafuneleni onkulunkulu babantu abangasindisanga abantu babo esandleni sakho na?”
16Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Ngabe sikubeke umeluleki wenkosi na? Yeka, ufunelani ukubulawa na?”
Umphrofethi wayeka, wayesethi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqume ukukubhubhisa ngokuba wenze lokho, awusilalelanga iseluleko sami.”
UJowashi Unqoba U-Amaziya Inkosi YakwaJuda
17U-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eselulekiwe wathumela kuJowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibonane ubuso nobuso.”
18UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wathumela ku-Amaziya inkosi yakwaJuda, wathi: “Bheka, isihlahla somkhanya saseLebhanoni, sathumela emsedarini owawuseLebhanoni, sathi: ‘Ganisa indodakazi yakho ibe ngumfazi wendodana yami.’
“Kodwa kwedlula isilwane sasendle esasiseLebhanoni, sasinyathela isihlahla somkhanya. 19Umtshele uthi: ‘Bheka, ubhubhisile u-Edomi, manje inhliziyo yakho iqhoshile, ufuna ukubonakalisa udumo lwakho. Manje kungcono uhlale endlini yakho; kungani uhlokoloza inyoka isemgodini, ufuna ukuwa wena noJuda kanyekanye na?’ ”
20Kepha u-Amaziya akalalelanga, ngokuba lokho kwakuhloswe nguNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo, ngokuba babefune onkulunkulu bakwa-Edomi. 21UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wayesekhuphuka, babhekana ubuso nobuso no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, eBhethi Shemethi kwaJuda. 22UJuda wehlulwa ngu-Israyeli; uJuda wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya ethendeni lakhe. 23UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amaziya, inkosi yakwaJuda, indodana kaJowashi kaJehowahazi eBhethi Shemeshi, wamyisa eJerusalema. Wabhidliza ugange eJerusalema kusukela esangweni i-Efrayimi kuze kube sesangweni iGumbi, amakhubhithi angama-400. 24Wathatha lonke igolide, isiliva, zonke izitsha ezazisendlini kaSimakade no-Obhedi Edomi, ingcebo yasesigodlweni senkosi nabantu ababa yisibambiso, wayesebuyela eSamariya.
25U-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, waphila iminyaka eli-15 emva kokufa kukaJowashi, indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli.
26Ezinye izindaba zika-Amaziya, ezakuqala nezakamuva, bheka, azilotshiwe yini encwadini yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli na? 27Kusukela esikhathini u-Amaziya aphambuka ngaso ekulandeleni uSimakade bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakhishi, kepha bathumela eLakhishi, bambulalela khona. 28Bamthwala ngamahhashi, bamngcwaba kokhokho bakhe emzini wakwaJuda.