UJehoshafathi Unqoba AbakwaMowabi Nabakwa-Amoni
1Kwathi emveni kwalokho kwafika abakwaMowabi nabakwa-Amoni nabanye bakwaMehuni bezokulwa noJehoshafathi.
2Kweza abanye bamazisa ngalokho uJehoshafathi, bathi: “Kuza isixuku esikhulu esivela phesheya kolwandle, e-Aramu; manje sesingaseHazezoni Thamari eliyi-Eni Gedi.”
3UJehoshafathi wesaba, wayesezinikela, wafuna uSimakade, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke elakwaJuda. 4UJuda wabuthana ukuba acele usizo kuSimakade. Baphuma kuyo yonke imizi yakwaJuda ukuzofuna uSimakade.
5UJehoshafathi wema ebandleni lakwaJuda nelaseJerusalema endlini kaSimakade, phambi kwegceke elisha, 6wathi: “Simakade, Nkulunkulu wokhokho bethu, kanti Wena awusiye yini uNkulunkulu ezulwini, nombusi wemibuso yonke yezizwe na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akekho ongamelana nawe. 7Wena Nkulunkulu wethu awuxoshanga yini phambi kwabantu bakho, u-Israyeli, ababakhe kuleli lizwe, walinika abozalo luka-Abhrahama, umngani wakho, kuze kube phakade na? 8Bahlala kulo, bakwakhela kulo indlu engcwele ukuba ibe ngeyegama lakho, bethi: 9‘Uma sehlelwa ngokubi, inkemba, ukwehlulelwa, ubhubhane, nendlala, siyakuma phambi kwale ndlu naphambi kwakho, ngokuba igama lakho likule ndlu; sikhale kuwe ekuhluphekeni kwethu, Wena uyakusizwa usisindise.’
10“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa. 11Bheka-ke ukuthi basivuza kanjani, bezile ukuzosixosha efeni lakho owasinika lona ukuba silidle. 12Nkulunkulu wethu, awuyukubehlulela yini na? Ngokuba thina asinawo amandla okubhekana nalesi sixuku esikhulu kangaka esizayo. Futhi asazi ukuthi sizokwenzenjani, kodwa amehlo ethu abheke kuwe.”
13UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo.
14UMoya kaSimakade wafika kuJahaziyeli kaZakhariya kaBhenaya kaJehiyeli kaMathaniya, umLevi, omunye wozalo luka-Asafa, ephakathi kwebandla, 15wathi: “Yizwani nina nonke bakwaJuda, zakhamuzi zaseJerusalema, nawe nkosi Jehoshafathi: usho kanje kini uSimakade, uthi: ‘Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu, ngokuba impi ayisiyo eyenu, ingekaNkulunkulu. 16Kusasa yehlelani kubo; bayobe bekhuphuka ngommango waseZizi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi, phambi kwehlane eJeruweli. 17Akusikho okwenu ukulwa kule mpi; zihleleni, nime, nibone ukunqoba kukaSimakade, nina Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumelani kubo kusasa, ngokuba uSimakade uzakuba nani.’ ”
18UJehoshafathi wayesekhothama, wathi mbo ngobuso emhlabathini. UJuda wonke nezakhamuzi zaseJerusalema bakhothama phambi kukaSimakade, bakhuleka kuSimakade. 19AbaLevi, abozalo lwamaKhohathi nolwamaKhorahi, basukuma badumisa uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezwi elikhulu kakhulu.
20Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane eThekhowa. Ngesikhathi bephuma, uJehoshafathi wasukuma, wathi: “Ngilaleleni, Juda nani zakhamuzi zaseJerusalema! Methembeni uSimakade uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa. Bethembeni abaphrofethi bakhe, niyakuphumelela.”
21Eselulekene nabantu, wabeka abayakuhlabelela kuSimakade bevunule ngobungcwele, behamba phambi kwamabutho, bethi: “Bongani uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”
22Kwathi ukuba baqale ukuhalalisa nokudumisa, uSimakade wababekela abazobalalela unyendle abakwa-Amoni, abakwa-Mowabi, nabasentabeni iSeyiri ababephumele ukumelana noJuda, banqotshwa bonke. 23Abakwa-Amoni nabakwaMowabi bamelana nezakhamuzi zasentabeni iSeyiri, bababhubhisa baphela nya. Kwathi sebeziqothule nya zonke izakhamuzi zaseSeyiri, base bephenduka babulalana bodwa.
24UJuda efika embonisweni ehlane, waphenduka wabuka ngalapho kwakunesixuku khona; bheka, kwakulele izigingqane zezidumbu zidindilize phansi, kungekho noyedwa ophunyukile. 25UJehoshafathi namabutho akhe kwathi lapho befika ukuba babuthe impango kubo, bafumanisa kubo ingcebo eningi kakhulu abangakwazanga ukuyithwala. 26Ngosuku lwesine babuthana esiGodini iBherakha, bambonga lapho uSimakade. Igama laleyo ndawo labizwa ngokuthi yisigodi iBherakha, kuze kube namuhla.
27UJehoshafathi wabahola bonke abantu bakwaJuda nabaseJerusalema babuyela eJerusalema ngentokozo, ngokuba uSimakade wayebathokozisile ngokwehlula izitha zabo. 28Bafika eJerusalema bephethe izingubhu, amahabhu, namacilongo, bangena endlini kaSimakade.
29Uvalo ngoNkulunkulu lwehlela yonke imibuso yamazwe lapho bezwa ukuthi uSimakade wayelwe nezitha zika-Israyeli. 30Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.
Isiphetho Sokubusa KukaJehoshafathi
31UJehoshafathi wabusa kwaJuda; wayeneminyaka engama-35 lapho eqala ukubusa. Wabusa iminyaka engama-25 eJerusalema. Igama likanina kwakungu-Azubha, indodakazi kaShilekhi. 32Wahamba ngendlela ka-Asa, uyise, kaphambukanga kuyo, wenza okulungile phambi kukaSimakade. 33Kepha-ke azisuswanga izindawo eziphakemeyo, futhi nabantu kabazibhekisanga izinhliziyo zabo kuNkulunkulu wokhokho babo.
34Ezinye izindaba zikaJehoshafathi, ezakuqala nezakamuva; bheka, zilotshiwe ezindabeni zikaJehu, indodana kaHanani, ezifakwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli.
35Emveni kwalokho uJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, wenza isivumelwano no-Ahaziya, inkosi yakwa-Israyeli; yena wenza okubi impela. 36Wazihlanganisa nayo ukuze bakhe imikhumbi yokuya eTharishishi; babeyakhela e-Eziyoni Gebheri. 37U-Eliyezeri, indodana kaDodavahu waseMeresha, waphrofetha ngoJehoshafathi, wathi: “Ngenxa yokuba uzihlanganise no-Ahaziya, uSimakade uyakuyidiliza imisebenzi yakho.”
Leyo mikhumbi yephuka, ayikwazanga ukuya eTharishishi.