Isiphrofetho Sika-Azariya
1UMoya kaNkulunkulu wehlela ku-Azariya, indodana ka-Odedi; 2u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya. 3Kwase kuyisikhathi eside u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, kungekho namphristi ofundisayo, kungekho namthetho. 4Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane. 5Ngalezo zikhathi kwakungekho ukuthula nokuphepha kophumayo noma kongenayo, ngokuba kwakukuningi okuphazamisa izakhamuzi zezwe. 6Isizwe sasicoboshiswa ngesinye isizwe, nomuzi ngomunye umuzi, ngokuba uNkulunkulu wabahlupha ngezinhlupho eziningi. 7Kepha nina yibani namandla, zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba nomvuzo.”
Uguquko Olwenziwa Ngu-Asa
8Kwathi ukuba u-Asa awezwe lawo mazwi nesiphrofetho sika-Odedi umphrofethi, waqina idolo, wazisusa izinengiso ezweni lonke kwaJuda nakwaBhenjamini, nasemizini yonke ayeyidle kwelezintaba kwa-Efrayimi, wavusa i-althare likaSimakade elaliphambi kompheme kaSimakade.
9Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini, nababegogobele nabo bevela kwa-Efrayimi, kwaManase, kwaSimeyoni, ngokuba uquqaba oluningi lwaluhlubukele kuye, luvela kwa-Israyeli, ngesikhathi selubona ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakhe unaye.
10Kwathi ngenyanga yesithathu, ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Asa, babuthana eJerusalema. 11Ngalolo lusuku bahlabela uSimakade okunye kwempango ababeyidlile; izinkabi ezingama-700 nezimvu eziyizi-7 000. 12Benza isivumelwano sokumfuna uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo, nangawo wonke umphefumulo wabo. 13Bavumelana nangokuthi bonke abangayukumfuna uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli bayobulawa; noma ngabe bancane noma badala, owesilisa noma owesifazane. 14Bafunga phambi kukaSimakade ngezwi elikhulu, bakhamuluka ngamacilongo nangemitshingo. 15Wonke uJuda wathokoza ngesifungo ababesenzile, ngokuba babefungile ngenhliziyo yabo yonke, bamfuna ngentando yabo yonke, bamfumana. USimakade wabanika ukuthula nxazonke.
16U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 17Kepha izindawo eziphakemeyo akazisusanga kwa-Israyeli, nakuba inhliziyo ka-Asa yayiphelele zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 18Wabuyisa endlini kaNkulunkulu izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele; isiliva, igolide, nezitsha.
19Akuzange kube khona impi, kwaze kwaba ngunyaka wama-35 wokubusa kuka-Asa.