Okufuneka Kwabazakuphatha Ibandla
1Lithembekile leli lizwi elithi: uma umuntu efisa ukuba ngumphathi, ulangazelela umsebenzi omuhle. 2Ngakho-ke kufanele ukuba umphathi abe ngumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, ozithibayo, ohloniphekileyo, opha izihambi, onobuciko bokufundisa, 3ongesiyo inkolotshe yewayini, ongesiso isidlova, kodwa omnene, ongenalo uchuku, ongayikhonzile imali, 4ophatha kahle umuzi wakhe; abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke. 5Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na? 6Umphathi makangabi ngumuntu osanda kukholwa, funa athi ngokuphakama, awele ekulahlweni kukaSathane. 7Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.
8Ngokunjalo namadikoni kufanele abe ngahloniphekile, angabi nolimi olumbaxambili, angabi zinkolotshe zewayini, angayihaheli inzuzo embi, 9kodwa agcine imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omsulwa. 10Kufanele ahlolwe kuqala andukuba abe ngamadikoni, abe ngangasolekiyo.
11Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.
12Amadikoni mawabe mfazi munye, akwazi ukuphatha kahle abantwana bawo nemizi yawo. 13Ngokuba lawo akhonze kahle, azuza igama elihle nesibindi esikhulu ekukholweni kuKhristu uJesu.
Umgomo Wale Ncwadi
14Ngikulobela lokhu ngethemba lokuthi ngizakuza kuwe kungakapholi maseko. 15Kepha uma ngilibala, yazi ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso. 16Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi:
Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya,
wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe,
bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.