1 KaPhethro 5
Ukwelusa Umhlambi KaNkulunkulu
1Ngakho-ke ngiyawagqugquzela amalunga aphakathi kwenu, mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKhristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwembulwa, ngithi: 2yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo. 3Makungabi njengabazenza amakhosi phezu kwalabo enibaphathisiwe ukubanakekela, kodwa nibe yizibonelo emhlanjini. 4Kuyakuthi lapho uMelusi omkhulu esebonakaliswa, nizuze umqhele wenkazimulo ongabuniyo. 5Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.
6Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, 7niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
8Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula. 9Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.
Isiphetho
10Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme. 11Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.
12NgoSilvanu, umzalwane othembekile kithi, nginibhalele ngamafuphi ukunikhuthaza, nokufakaza ukuthi yiwo ngokwempela umusa kaNkulunkulu enimi kuwo.
13Liyakhonza kini ibandla eliseBhabhiloni elikhethiweyo kanye nani, uyakhonza noMakhu indodana yami. 14Bingelelanani ngokwanga kothando.
Ukuthula makube kini nonke enikuKhristu.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.