Impi Ngaphansi KukaJudase Makhabhizi
1Ngakho-ke indodana yakhe uJudase owayebizwa ngelikaMakhabhizi, waba ngumkhuzi wempi emva kwakhe. 2Bonke abafowabo nabo bonke ababelandele uyise bamsiza; bamlwela u-Israyeli ngenkulu injabulo. 3Walukhulisa udumo lwabantu bakubo. Wafaka isivikelo sakhe sesifuba wafana nezimu loqobo; wathatha izikhali zakhe zempi waphuma ukuyokulwa izimpi, evikela isikhungo sabo ngenkemba yakhe. 4Izenzo zakhe zazifana nezengonyama uqobo; njengebhongo lengonyama libhodlela ukudla kwalo.
5Waphuma ukuthungatha bonke labo ababephule umthetho; wabashisa ngomlilo bonke ababekhathaza abantu bakhe. 6Izaphulamthetho zahlehlisa okwezinqama ziyocasha ngenxa yovalo ezazinalo ngaye; bonke abenzi bokubi bashaqeka; bophulwa abaningi ngesandla sakhe. 7Wacasula amakhosi amaningi, kodwa uJakobe wathokoza ngezenzo zakhe, futhi ukukhunjulwa kwakhe kubusisekile kuze kube phakade.
8Wadabula imizi yakwaJuda; wadicilela phansi konke ukungalungi ezweni lakubo; ngalokho lwaphenguleka ulaka olwalubhekene no-Israyeli. 9Wayedumile kuze kube semikhawulweni yomhlaba; waqoqa bonke ababelengela ekufeni. 10U-Apoloniyase waqoqela ndawonye bonke abezizwe kwaba ngumbutho omkhulu kusukela eSamariya ukuba balwe no-Israyeli. 11Lapho uJudase ezwa ngalokhu, waphuma ukumhlangabeza, wamehlula, wambulala. Abaningi balimala abanye bafa, kwathi abasele babaleka. 12Babutha impango yabo, uJudase yena wathatha inkemba ka-Apoloniyase, wasebenzisa yona empini kwaze kwaba sekufeni kwakhe.
13Lapho uSeroni, umkhuzi wempi yaseSiriya ezwa ukuthi uJudase usebuthe impi enkulu kakhulu, ihlangene namabutho abevele enaye futhi aphuma naye ukuya empini, 14wathi: “Ngizakuzenzela igama futhi ngithole ukuhlonishwa nodumo embusweni. Ngizakuphuma ngilwe noJudase nabangani bakhe, abedelela umyalo wenkosi.”
15Yaphuma futhi impi enamandla yamadoda angena nkulunkulu ukuba iyokumsiza, ukuze abuyisele ku-Israyeli. 16Lapho esesondela ekwenyukeni kwase Bethi-horoni, uJudase waphuma ukuyobhekana naye ehamba nedlanzana lempi. 17Kepha lapho bebona impi ababezobhekana nayo, bathi kuJudase: “Kungenzeka kanjani ukuba thina, siyidlanzana nje elingaka, sibhekane nempi enkulu neluquqaba olunamandla angaka? Futhi asinamandla ngokuba asikaze sidle lutho kulokhu kusile.”
18UJudase waphendula wathi: “Kulula ukuba abaningi bavinjezelwe yidlanzana nje, ngokuba phambi kwezulu awukho umehluko phakathi kwabaningi nabayidlanzana. 19Ukunqoba akuncikile ebungakweni bempi, kodwa amandla avela ezulwini. 20Beza ukuzobhekana nathi begcwele ubujaka nobunswelaboya ukuze basichithe thina nabafazi bethu kanye nabantabethu, nokuba basephuce impahla yethu. 21Kepha thina silwela ukuphila kwethu kanye nemithetho yethu. 22Yena uqobo uyakubacoboshisa phambi kwethu; ngakho-ke nina maningabesabi.”
23Lapho eseqedile ukukhuluma, waphuma ngokushesha ukuyobhekana noSeroni nempi yakhe, ngakho-ke bacoboshiswa phambi kwakhe. 24Babahubha babewukisa umehlelo wase Bhethi-horoni kwaze kwasemathafeni akhona, amakhulu ayisishiyagalombili awa ngenkemba, kwathi abaseleyo, babalekela ezweni lamaFilistiya. 25UJudase nabafowabo baqala ukwesatshwa kakhulu, okwenza ukuba bonke abezizwe abakhelene nabo bahlalele ovalweni olukhulu. 26Udumo lwakhe lwafinyelela enkosini, futhi nabezizwe babekhuluma bengayivali imilomo ngezimpi zikaJudase.
Inkosi Iqoka ULusiyase Abe Ngumbusi
27Lapho inkosi u-Antiyokhusi ezwa le mibiko, wathukuthela wagana unwabu; wathumela wabutha futhi onke amabutho embusweni wakhe, kwaba ngenkulu nenamandla impi le. 28Wavula izikhwama zakhe zemali, wakhokhela onke amabutho akhe inkokhelo yonyaka wonke, wabayala ukuba balungele ukubizwa noma nini uma kudingekile. 29Wabona nokuthi imali ebigciniwe seyiphelile, nokuthi intela evela emazweni amanye yayincane ngenxa yokuhlubuka nezinhlekelele ayezidalile ezweni ngokuqeda imithetho eyayibusa abantu ezikhathini ezidlule. 30Waba novalo lokuthi angeke esaba nemali engangaleyo abe enayo ngaphambili, ukuze abhekane nezindleko zakhe nokukhipha izipho njengenjwayezi kunamakhosi ayephambi kwakhe. 31Wakhathazeka kakhulu emqondweni; wabe esezimisela ukugasela ePheresiya ukuyoqoqa intela kulezo zifunda futhi wanquma ukuba kuqoqwe isamba esikhulu.
32Washiya uLusiyase, indoda eyayigqamile yozalo lwasebukhosini, ephethe izindaba zonke zenkosi kusukela emfuleni i-Yufrathe kuze kube semingceleni yeGibhithe. 33ULusiyase wanikwa futhi umsebenzi wokunakekela indodana ka-Antiyokhusi aze abuye, 34washiya kuLusiyase ingxenye engaba nguhhafu yamabutho akhe kanye nezindlovu, wamnikeza futhi umyalo ngakho konke ayekudinga. Maqondana nezakhamizi zaseJerusalema naseJudiya, 35uLusiyase wayalwa ukuba athumele ibutho azishabalalise ebusweni bomhlaba, achithe amandla ka-Israyeli kanye nensali yalo; akuqede ukukhunjulwa kwabo kulelo lizwe, 36nokuba akhise abezizwe kulo lonke izwe labo, futhi alehlukanise ngokwenza unkatho.
37Inkosi yathatha enye ingxenye yamabutho yalishiya elase-Antiyokhi, ihlalankosi; kwakungomnyaka wekhulu namashumi amane-nesikhombisa. Wanqamula umfula i-Yufrathe wadabula ezimfundeni ezingenhla.
Ukunqoba KukaJudasi
38ULusiyase wakhetha uPhitholemi indodana kaDorimenesi kanye noNikhori kanye noGogiyase amadoda ayenekhono ayengabanye babangani benkosi 39wabathuma kanye namabutho ahamba ngezinyawo angama-40 kanye nezi-7 000 zamabutho agibele amahhashi, wabathuma ukuba baye ezweni lakwaJuda balibhubhise, njengoba inkosi yayiyalile.
40Ngakho-ke baphuma kanye nayo yonke lempi, lapho befika khona bagoba amadlangala ethafeni eduze ne-Emawuse. 41Lapho abathengisi bendawo bezwa lokho okwashiwo kubo, babutha isiliva negolide ngobuningi balo kanye nezibopho bahamba bayokanekisa ukuze bazitholele ama-Israyeli njengezigqila. Kwafika futhi namabutho avela eSiriya kanye naseFilistiya ahlangana nabo. 42UJudase nabafowabo babona ukuthi isimo sase sibucayi kakhulu nokuthi impi yayikanise ezweni lakubo. Bezwa futhi nokuthi inkosi iyale ukuthi kwenziweni kubantu ukuze bababhubhise kungasali muntu. 43Ngakho-ke bathi omunye komunye: “Asibuyise abantu bakithi abahlakazekile, futhi sibalwele abantu bakithi kanye nendawo engcwele.”
44Ngakho-ke ibandla lahlanganela ukulungiselela impi, nokukhuleka licele umusa nesihawu. 45“IJerusalema likhala ibhungezi kuhle kwehlane; akukho noyedwa kubantu balo ophuma engena. Indawo engcwele idilizelwe phansi, abezizwe bathathe nenqaba; isiyindawo yabezizwe. Ukuthokoza kususiwe kuJakobe; akusezwakali ukukhala komtshingo nohabu.”
46Base bebuthana ndawonye baya eMizpha, elibhekene neJerusalema, ngokuba ezikhathini ezedlule kwakunendawo yokukhuleka ka-Israyeli. 47Bazila ukudla ngalolo suku, bembatha ezamasaka futhi bazihuqa ngomlotha emakhanda, baklebhula izingubo zabo. 48Bavula incwadi yomthetho ukuze bezwe izindaba abezizwe ababezibuza ezithixweni zabo. 49Baletha futhi nezambatho zabaphristi, nezithelo zolibo lokuqala kanye nokweshumi, baze bavusa amaNaziri ayeseziphelelisile izinsuku zawo; 50bakhala kakhulu bebhekise ezulwini, bethi: “Sizokwenze njani ngalezi zinto na? Sizozishonisaphi na? 51Indawo yakho engcwele iwiselwe phansi yangcoliswa, abaphristi bakho bayalila ngenxa yokuhlazeka kwabo. 52Nampa abezizwe bahlangene ukuze basibhubhise; uyawazi amacebo abo ngathi. 53Sizakumelana kanjani nabo uma wena ungasisizi na?”
54Base bebetha imitshingo bakhamuluka ngezwi elikhulu. 55Emva kwalokhu uJudase waqoka abaholi babantu, ababezophatha abayizinkulungwane, abangamakhulu, nabangamashumi ayisihlanu, nabayishumi. 56Labo ababakha izindlu, noma betshala izivini noma begcwele uvalo, wabayala ukuba babuyele emakhaya, njengokuyaliwe emthethweni.
57Yase iphuma impi yakanekisa ngaseNingizimu ye-Emawuse 58uJudase wathi: “Zibambeni ziqine, nime isibindi. Hlalani nilunge ngokuba ekuseni sizakubhekana nalaba bezizwe ababuthene lapha ukuzolwa nathi nokuzosibhubhisa bachithe nendawo engcwele. 59Kungcono ukuba sife silwa kunokubona zonke lezi zinto ezimbi zehlela isizwe sethu kanye nendawo yethu engcwele. 60Kepha njengoba intando yakhe ezulwini injalo, uyokwenza kanjalo.”