U-Antiyokhusi Ucela Ukusekelwa
1U-Antiyokhusi indodana kaDemetriyu, wathumela incwadi kuSimoni, kubaphristi neziphathimandla zabaJuda, nasesizweni sonke, ivela eziqhingini zolwandle; 2nakhu eyayikuqukethe: “Inkosi u-Antiyokhusi kuSimoni umphristi omkhulu nombusi, namaJuda nesizwe sonke, ngiyanibingelela. 3Kukhona izidlwangudlwangu ezithize esezithathe amandla embusweni wokhokho bethu, ngakho-ke ngizimisele ukuba ngiwubuyise umbuso ukuze ube njengoba wawunjalo ngezikhathi eziphambili futhi sengiwaqoqile amabutho akhokhelwayo akwamanye amazwe ngawanika imikhumbi yempi, 4ngizimisele nokuba ngehlele ezweni ukuze ngiqhubeke ngibhekane nalabo abachithe izwe lethu nalabo ababhubhise imizi eminingi embusweni wami. 5Ngakho-ke nami ngiyakuqinisa okwashiwo ngamakhosi angaphambi kwami kokunikhulula ukuba ningakhokhi ntela, nokunikhulula nakwezinye izimali enanizikhokha. 6Ngiyanivumela ukuba nenze eyenu imali ibe yimali yezwe lenu, 7futhi ngilinikeza inkululeko iJerusalema kanye nendawo engcwele. Zonke izikhali enizenzileyo nezinqaba enizakhileyo futhi eseninazo manje, konke lokho kungokwenu. 8Zonke izikwelethu eninazo esikhwameni senkosi nanoma yiziphi ezinye ezisazokwenzeka ngiyazesula kusuka manje kuze kube nini nini. 9Lapho sesiwubuyisile umbuso wethu, siyokunikeza ukuhlonishwa okukhulu wena kanye nesizwe sakho nethempeli, ukuze udumo lwakho lubonakale emhlabeni wonke.”
10Ngomnyaka we-174 u-Antiyokhusi wathumela walihlasela izwe lawokhokho bakhe. Wonke amabutho abuthana kuye, uThurufoni waze wasala nambalwa kakhulu. 11U-Antiyokhusi wamlandela, uThurufoni owabaleka waze wayofika eDora, elingasolwandle; 12ngokuba wayazi ukuthi izinhlupheko zimkakile, futhi wayeshiywe nangamabutho akhe. 13Ngakho-ke u-Antiyokhusi wakanekisa ngaseDora ehamba namabutho ayeyi-120 000 kanye nezi-8 000 zamabutho agibele amahhashi. 14Wawuzungeza umuzi, nemikhumbi yafika ukuzokwelekelela iqhamuka ngasolwandle; wawucindezela umuzi ngasezweni nangasolwandle, futhi kavumelanga muntu ukuba aphume noma angene kuwo.
AmaRoma Asekela AbaJuda
15Kwase kufika oNumeniyase nabangani bakhe bevela eRoma, bephethe izincwadi eziya emakhosini nasemazweni, okwakubhalwe lokhu okulandelayo kuzo: 16“ULusiyase inxusa lamaRoma uyayibingelela inkosi uPhitholemi. 17Izithunywa zabaJuda zifikile kithi njengabangani nomana bethu ukuzovuselela ubungani bethu obudala kanye nesivumelwano. Bathunywe ngumphristi omkhulu uSimoni nayisizwe sabaJuda 18futhi bafike bephethe nesihlangu segolide esisisindo saso siyinkulungwane yomina. 19Ngakho-ke sinqumile ukuba sibhalele amakhosi kanye namazwe ukubazisa ukuthi bangaze bazama ukubalimaza noma bahlasele imizi yabo kanye nezwe labo, noma benze isivumelwano nalabo abalwa nabo. 20Ngakho-ke sikubone kukuhle kithi ukuba sisamukele isihlangu kubo. 21Ngakho-ke uma kukhona ontamo lukhuni ababalekele kini bevela ezweni labo, babuyiseleni kumphristi omkhulu uSimoni, ukuze abajezise njengokomthetho wabo.”
22Inxusa labhala incwadi efanayo liyibhalela inkosi uDemetriyu kanye no-Attalusi no-Ariyarathesi kanye no-Arisakesi, 23nakuwo onke amazwe, iSampasameyi, iSpartani, iDeloni, iMundoni, iSikuyoni, iKhariyani, iSamoni, iPhamfiliya, iLukiyani, iHalikarnasusi, iRodoni, iPhaselida, iKosi, iSideni, i-Aradoni, noGoritunani, iKinidoni, iKhuphro naseKhurene. 24Bathumela ikhophi yalezi zinto kumphristi omkhulu uSimoni.
U-Antiyokhusi Uxabana NoSimoni
25Nokho Inkosi u-Antiyokhusi yalihlasela iDora okwesibili, iqhubeka njalo ithumela amabutho ukulihlasela nokwenza imishini yempi yokudiliza ugange, yamvalela uThurufoni ayamvumela ukuba aphume nokuba angene. 26USimoni naye wathumela ku-Antiyokhusi amabutho ayizi-2 000 ayewaqokile ukuba ayolekelela empini, kanye nesiliva negolide nezinto eziningi zempi. 27Kodwa wenqaba ukuzamukela, futhi wazephula zonke izethembiso ayezenze ngaphambili kuSimoni, kwaba khona ukwahlukana okukhulu kubo. 28Wathumela u-Athenobiyosi omunye wabangani bakhe, ukuba axoxe naye babonisane, ethi: “Nguwe ophethe iJopha neGazara kanye nenqaba eseJerusalema, okuyimizi yombuso wami. 29Wenzile incithakalo ezifundeni zayo, wenza umonakalo omkhulu ezweni, futhi udlile izindawo eziningi embusweni wami. 30Ngakho-ke, buyisa yonke imizi owayithathayo kanye nemali yentela yezindawo ozinqobile ezingaphandle kwemingcele yaseJudiya; 31uma kungenjalo ngikhokhele amathalente angama-500 esiliva ngenxa yomonakalo owenzileyo namanye amathalente angama-500 ngaphezulu angawentela oyithathile kule mizi. Uma kungenzeki lokhu sizokuza sizonihlasela.”
32Ngakho-ke u-Athenobiyosi, umngani wenkosi wafika eJerusalema, ebona ubukhazikhazi bukaSimoni, kanye namabhodi acakwe ngegolide nangesiliva, nobuhle bombuso wakhe, wamangala kakhulu. Lapho esebika kuye umlayezo wenkosi, 33uSimoni waphendula wathi kuye: “Asithathe lizwe lamuntu nampahla yamuntu okungekhona okwethu, kodwa lokho okuyifa lokhokho bethu, elalithathiwe ngokungafanele ngezikhathi ezedlule yizitha zethu. 34Manje njengoba sesilitholile ithuba siyakubambelela kulokho okuyifa lokhokho bethu. 35Mayelana neJopha neGazara, okufunayo, le mizi beyenza umonakalo omkhulu phakathi kwabantu bezwe; ngayo siyokukunikeza amathalente ayikhulu.”
U-Athenobiyosi kaphendulanga nangelilodwa leli, 36kodwa wabuyela emuva enkosini ethukuthele wayilandisa onke lawa mazwi, nangabo bonke ubukhazikhazi bukaSimoni nangakho konke akubonile. Inkosi nayo yathukuthela yagana unwabu.
UJohane Unqoba UKhendebheyusi
37Ngasona leso sikhathi uThurufoni wangena emkhunjini waphumelela ukuphunyuka wabaleka waya e-Orithosiya. 38Inkosi yase yenza uKhendebheyusi waba ngumkhuzi omkhulu wempi emazweni angasogwini, yamnikeza amabutho kanye nalawo agibele amahhashi. 39Yamyala ukuba ayokanekisa abhekane neJudiya, nokuba akhe iKhedroni aqinise amasango alo, alwe nabantu balo; inkosi yona yalandela uThurufoni. 40Ngakho-ke uKhendebheyusi wafika eJamniya waqala ukuchukuluza abantu nokuhlasela iJudiya nokuthumba abantu nokubabulala. 41Walakha iKhedroni wabeka kulo abagibele amahhashi kanye namabutho, ukuze akwazi ukuphuma lapho ahlasele ezindaweni eziphakeme zaseJudiya, njengoba inkosi yayiyalile.