Isivumelwano NamaRoma NamaSpartani
1UJonathani ebona ukuthi isikhathi siyamvuna, wakhetha amadoda wawathumela eRoma ukuba aqinise futhi avuselele ubungani nabo. 2Wathumela incwadi efanayo nakwabaseSpartani nezinye izindawo. 3Ngakho-ke baya eRoma bafike bangena endlini yezigele bathi: “Umphristi omkhulu uJonathani kanye nesizwe sabaJuda, basithumile ukuba sizovuselela ubungani kanye nesivumelwano nobudlelwano obukhona nani.”
4AmaRoma ayesebanikeza izincwadi eziya kubantu ezindaweni zonke, bebacela ukuba bazivumele lezi zithunywa zibuyele ezweni lakwaJuda ngokuthula. 5Lena yikhophi yencwadi uJonathani ayeyibhalele abaseSpartani: 6“Umphristi omkhulu uJonathani, isigungu sesizwe, abaphristi, nabo bonke abantu bakwaJuda bayababingelela abafowabo amaSpartani. 7Esikhathini esedlule kwathunyelwa incwadi kumphristi omkhulu u-Oniyase ivela ku-Ariyusi, owayeyinkosi phakathi kwenu, isho ukuthi ningabafowethu, njengoba isho le ncwadi ehambisana nalena. 8U-Oniyase wazemukela izithunywa ngenkulu inhlonipho, wayemukela nencwadi eyayiqukethe isiphakamiso esingananazi sesivumelwano sobuhlobo.
9“Ngakho-ke nanxa singekho isidingo salezi zinto, ngenxa yokuba sineziNcwadi ezingcwele ezandleni zethu ezisigqugquzelayo, 10sinqume ukuba sithumele, ukuze sivuselele ubuhlobo bethu kanye nobungani nani, ukuze kungabikho okusehlukanisa nani, ngokuba sekwedlule isikhathi eside kakhulu nani nagcina ukusithumelela eyenu incwadi. 11Sinikhumbula njalo izikhathi ngezikhathi, lapho sinemikhosi, nangezinye izinsuku ezifanele lapho sinikela imihlatshelo, nasemikhulekweni yethu, njengokuba kufanelekile ukuba sikhumbule abafowethu. 12Futhi siyathokoziswa ludumo lwenu. 13Kodwa maqondana nathi ziningi izinhlupheko nezimpi ebezisizungezile; amakhosi asizungezile asihlasele alwa nathi. 14Sasingathandi ukuba sinicasule nina kanye nabo bonke omana bethu nabangani bethu ngalezi zimpi, 15ngokuba sinalo usizo oluvela ezulwini olusisizayo, ngakho-ke sahlengwa ezitheni zethu, nezitha zethu zathotshiswa. 16Ngakho-ke sikhethe uNumeniyase indodana ka-Antiyokhusi kanye no-Antipateri indodana kaJasoni, sabathumela eRoma ukuyovuselela ubungani nesivumelwano sethu esidala nabo. 17Sibayalile futhi ukuba beze kuwe ukuze bakubingelele bethule kuwe le ncwadi evela kithi emayelana nokuvuselela ubudlelwano bethu bobundeni. 18Ngakho-ke siyanincenga sithumeleleni impendulo kulokhu.”
19Lena yikhophi yencwadi abayithumela ku-Oniyase: 20“Inkosi u-Ariyusi wamaSpartani, kumphristi omkhulu u-Oniyase, ngiyakubingelela. 21Kutholakele emibhalweni ukuthi amaSpartani namaJuda bangabafowabo futhi bangabomndeni ka-Abhrahama. 22Futhi sifundile lokhu, ngakho-ke siyacela nisibhalele nisazise ukuthi nihleli kanjani; 23thina ngakolwethu uhlangothi sinibhalela sinazisa ukuthi imfuyo yenu nempahla yenu kungokwethu, nokwethu kungokwenu. Ngakho-ke siyayala ukuba izithunywa zethu zinazise kanjalo.”
Ukuhlasela KukaJonathani NoSimoni
24Ngalesi sikhathi uJonathani wezwa ukuthi abakhuzi bempi kaDemetriyu base bebuyile nempi enkulu kuneyakuqala, ukuba balwe naye. 25Ngakho-ke waphuma walishiya iJerusalema, wahlangana nabo esifundeni saseHamathi, ngokuba akabanikanga thuba lokuba bahlasele izwe lakhe. 26Wathumela izinhloli enkanjini yabo, lapho zibuya zamlandisa ukuthi isitha siyazihlela ukuze sihlasele abaJuda ebusuku. 27Kwathi ukuba lishone ilanga, uJonathani wayala amabutho akhe ukuba ame ngomumo, nokuba ahlale ehlomile ubusuku bonke elindele ukulwa, futhi wamisa izikanekiso zazungeza ikamu. 28Lapho isitha sizwa ukuthi uJonathani nempi yakhe babekulindele ukulwa, sethuka sagcwala ingebhe ezinhliziyweni zaso; ngakho-ke babasa imililo ekamu labo base behoshuka kuleyo ndawo. 29Kepha uJonathani nempi yakhe kabezanga kwaze kwaba sekuseni, ngokuba babelokhu bebona umlilo uvutha. 30Ngakho-ke uJonathani wayesebalandela, kodwa kabaficanga, ngokuba base beze bawela umfula i-Elewutherusi.
31UJonathani waphendukela engxenye walwa nama-Arabhu ayebizwa ngokuthi ngamaZabadayeni, wawehlula waphanga impahla yawo. 32Wayesesuka ekamu waya eDamaseku, wadabula sonke leso sifunda. 33USimoni naye waphuma wadabula ezweni waze wayofika e-Askaloni nasezinqabeni ezakhelene nalo. Wajikela eJopha walithelekela lingazelele, 34ngokuba wayezwile ukuthi bakulungele ukunikela ngenqaba yabo kulabo ayebathumile uDemetriyu. Wabeka ibutho lapho ukuba liwulinde. 35Lapho uJonathani ebuya wabiza izinhloko zabantu wahlela nazo ukuba kwakhiwe izinqaba eJudiya, 36kwakhiwe ubonda lwaseJerusalema lube lude kunalokho olwaluyikho, nokuba kwakhiwe isithiyo eside phakathi kwenqaba kanye nomuzi, esizoyehlukanisa nomuzi, ukuze amabutho akuyo angakwazi ukuthenga noma adayise. 37Bahlangana ndawonye ukuba bavuselele umuzi; ingxenye yobonda ngasempumalanga yabe seyawa, bayilungisa ingxenye eyayibizwa ngokuthi iKhaphenatha. 38USimoni wabuye wakha ne-Adida eliseSefeyila; waliqinisa wafaka amasango ngamabhawoti.
UThurufoni Ubamba UJonathani
39Kwase kuthi uThurufoni wazama ukuzenza inkosi yase-Asiya wafaka umqhele ekhanda lakhe, ezama ukuvukela inkosi u-Antiyokhusi. 40Wayesaba ukuthi uJonathani angahle angamvumeli ukwenze njalo, kodwa alwe naye, ngakho-ke wayelokhu ezama ukumbamba nokumbulala, futhi waphuma waya eBhethi-shani. 41UJonathani waphuma ukubhekana naye ehamba namabutho ayewaqokile ayizinkulungwane ezingamashumi amane, naye wafika eBhethi-shani. 42Lapho uThurufoni ebona ukuthi uze nempi enkulu, wesaba ukubhekana naye. 43Ngakho-ke wamemukela ngolukhulu udumo futhi wamncoma kubo bonke abangani bakhe, wamupha nezipho, wayala abangani bakhe namabutho akhe ukuba amhloniphe njengoba ehlonipha yena. 44Wayesethi kuJonathani: “Ubahlupheleni bonke laba bantu sibe singekho empini na? 45Babuyisele emuva emakhaya abo, uzikhethele amadoda ambalwa ukuba asale nawe, bese uhamba nami siye ePhitholemi. Ngizakulinikela kuwe kanye nezinye izinqaba namabutho asele kanye nazo zonke izikhulu, bese ngiphenduka ngibuyele ekhaya. Ngokuba yileso sizathu ngilapha.”
46UJonathani wamethemba wenza njengoba eshilo; wawemukisa amabutho, abuyela ezweni lakwaJuda. 47Wasala namadoda ayizi-3 000, ayizi-2 000 wawashiya eGalile, kwathi inkulungwane eyodwa yahamba naye. 48Kepha lapho uJonathani engena ePhitholemi bavala amasango base bembamba, babulala ngenkemba bonke ababengene naye. 49UThurufoni wayesethumela amabutho nabagibele amahhashi eGalile kanye nasethafeni elikhulu ukuba babulale onke amabutho kaJonathani. 50Kepha babona ukuthi uJonathani ubanjiwe wabulawa yena nawo onke amadoda ayehamba naye, base beqinisana idolo, baphuma behamba beyisinyokotho, belungele ukulwa. 51Lapho ababalandelayo bebona ukuthi bazimisele ukulwela ukuphila, baphenduka babuyela emuva. 52Ngakho-ke bonke bafinyelela ezweni lakwaJuda bephephile, bamlilela uJonathani nabangani bakhe futhi behlalele ovalweni olukhulu, u-Israyeli wonke walila kakhulu. 53Zonke izizwe ezibazungezile zazama ukubabhubhisa, ngokuba zathi: “Abasenamholi namsizi. Ngakho-ke masilwe nabo sibaqede ebusweni bomhlaba kuze kuphela nokukhunjulwa kwabo phakathi kwesintu.”