Izulu Elisha Nomhlaba Omusha
1Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe. 3Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo. 4Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.” 5Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.”
Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”
6Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
8“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Inkazimulo YeJerusalema Lasezulwini
9Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa zigcwele izinhlupheko zokugcina eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikukhombise umlobokazi, umakoti weWundlu.”
10Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu. 11Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo. 12Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. 13Ngasempumalanga kwakunamasango amathathu, ngasenyakatho kunamasango amathathu, ngaseningizimu kunamasango amathathu, nangasentshonalanga kunamasango amathathu. 14Ugange lomuzi lwalunezisekelo ezili-12, phezu kwazo kulotshwe amagama abaphostoli beWundlu abali-12.
15Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo. 16Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000. 17Walukala nogange lwawo, lwalungamakhubhithi ayi-144, ngokulinganisa kwengelosi, okungokwabantu futhi. 18Ugange nalo lwalwakhiwe ngejasphi, umuzi wenziwe ngegolide elihle elinjengengilazi ecwebezelayo. 19Izisekelo zogange lomuzi zihlotshiswe ngawo wonke amatshe ayigugu. Isisekelo sokuqala kwakuyijasphi, esesibili kuyisafire, esesithathu kuyikhalkedoni, esesine kuyisimaragidu, 20esesihlanu kuyisaridonikisi, esesithupha kuyisardiyu, esesikhombisa kuyikhrisolithe, esesishiyagalombili kuyibherile, esesishiyagalolunye kuyithophazi, eseshumi kuyikhrisophrasi, ese-11 kuyihiyakhinte, ese-12 kuyi-amethiste. 21Amasango ali-12 ayengamapharele ali-12; yilelo nalelo sango ngalinye, laliyipharele elilodwa. Umgwaqo womuzi wawuyigolide elicwengekileyo, elifana nengilazi ekhanyayo.
22Angilibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uSomandla, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu. 24Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo. 25Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho. 26Bayakuletha kuwo ubukhosi nodumo lwezizwe. 27Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.