Ezulwini Kuyahalaliswa Ngokuwa KweBhabhiloni
1Emveni kwalokho, ngezwa sengathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, inkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, 2ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
3Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Intuthu evela kuso yenyuka kuze kube phakade naphakade.”
4Amalunga angama-24 ayesethi mbo ngobuso, kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohleli esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”
Idili Lomshado Wewundlu
5Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabadala.”
6Ngase ngizwa okungathi yizwi lesixuku esikhulu, linjengokuhlokoma kwamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okunamandla, lithi: “Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uSomandla, iyabusa. 7Masithokoze, sethabe, futhi simnike udumo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomakoti walo uzilungiselele. 8Wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo, elikhazimulayo nelihlanzekileyo.”
Ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo zabangcwele ezilungileyo. 9Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe labo abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi futhi kimi: “Lawo ngamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.” 10Ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo, ngakhuleka kuyo.
Yayisithi kimi: “Ungakwenzi lokho; ngiyinceku kanye nawe, nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu, ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuphrofetha.”
UKhristu Ulwa Nesilo
11Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga. 12Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo. 13Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. 14Amaviyo empi yasezulwini amlandela, egibele amahhashi amhlophe, embethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. 15Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla. 16Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi:
INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.
17Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu, 18ukuze nidle inyama yamakhosi, inyama yezinduna, inyama yamaqhawe, inyama yamahhashi neyabagibele kuwo, inyama yabo bonke abakhululekileyo neyalabo abayizigqila, abancane nabadala.”
19Ngase ngibona isilo, amakhosi omhlaba kanye nempi yawo kubuthene ukuze balwe nalowo ohleli ehhashini nempi yakhe. 20Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli. 21Kwathi ababesele babulawa ngenkemba eyayiphuma emlonyeni wakhe lowo owayehleli ehhashini, izinyoni zonke zasutha yinyama yabo.