Ukubonga Nokucela Ukuhlengwa Nempumelelo
ElikaDavide
1Makabongwe uSimakade, idwala lami,
ofundisa izandla zami ukuhlasela,
neminwe yami, ukulwa,
2umusa wami nenqaba yami,
umbhoshongo wami ophakemeyo
nomkhululi wami,
isihlangu sami, nengiphephela kuye,
nothobisa izizwe phansi kwami.
3Simakade, uyini umuntu ukuba umazi,
nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule na?
4Umuntu ufana nomoya;
izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.
5Thobisa amazulu akho, Simakade, wehle,
thinta izintaba, zithunqe.
6Imibani mayinyazime, ubahlakaze,
thumela imicibisholo yakho, ubaphithizise.
7Yelulela isandla sakho phezulu,
ungikhulule, ungihlenge emanzini amaningi,
nasesandleni sabafokazi
8abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,
nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
9Ngiyakuhlabelela kuwe Nkulunkulu isihlabelelo esisha,
ngogubhu olunezintambo ezilishumi, ngiyakukuhubela.
10Nguye opha amakhosi insindiso,
osindisa inceku yakhe, uDavide,
enkembeni yababi.
11Ngikhulule, ungihlenge esandleni sabafokazi
abamlomo wabo ukhuluma inkohliso,
nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.
12Makuthi amadodana ethu, ebusheni bawo,
afane nezithombo ezikhule kahle,
amadodakazi ethu afane nezinsika zamakhona
eziqoshelwe ukwakha isigodlo.
13Kwangathi izinqolobane zethu
zingaphuphuma isivuno esehlukahlukene,
izimvu zethu zande ngezinkulungwane,
izinkulungwane ezilishumi emadlelweni akithi.
14Sengathi izinkomo zethu
zingaba namathole amaningi.
Makungabi bikho kufohla ogangeni,
kungathunjwa muntu,
futhi kungabi bikho ukukhala
emigwaqweni yakithi.
15Babusisiwe abantu abayokwehlelwa yizibusiso ezinjalo,
babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguSimakade.