Ukumemeza Kokuhlakanipha
1Ukuhlakanipha akumemezi yini,
nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na?
2Kumi ezindaweni eziphakemeyo ngasendleleni,
kwakhile ngaseziphambanweni zezindlela,
3ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi:
4“Ngiyanibiza nina bantu;
izwi lami liqondiswe kubantwana babantu.
5Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha;
nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.
6Lalelani izinto ezinkulu engizikhulumayo;
amazwi aphuma ezindebeni
zomlomo wami angubuqotho,
7ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso;
ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8Wonke amazwi avela emlonyeni
wami angukulunga;
akukho lutho kuwo
okuyisigwegwe nokuphambeneyo.
9Kumuntu oqondayo wonke aqondile,
alungile kulowo othole ulwazi.
10Yamukelani ukuyala kwami kunesiliva,
nolwazi, kunegolide lekhethelo,
11ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunobucwebecwebe,
akukho lutho olunye olufiswayo
olungaqhathaniswa nakho.
12Mina kuhlakanipha ngihlala ekuqondeni,
ngithola ulwazi namasu.
13Ukwesaba uSimakade kungukuzonda okubi.
Ukuzikhukhumeza, ukuzidla,
indlela embi, nomlomo ophoxayo,
ngiyakuzonda.
14Kimina kuneseluleko nokuhlakanipha,
ngingukuqonda, namandla angawami.
15Amakhosi abusa ngami,
nababusi bashaya imithetho elungile ngami.
16Izikhulu zibusa ngami, namakhosana,
nabo bonke abehluleli bomhlaba.
17Ngiyabathanda abangithandayo;
nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.
18Ingcebo, udumo, nomnotho omningi
nokulunga, kukimi.
19Isithelo sami sihle kunegolide,
kunegolide elicolisekileyo,
nenzuzo yami, kunesiliva lekhethelo.
20Ngihamba endleleni yokulunga,
emikhondweni yobulungiswa,
21labo abangithandayo ngibanika ifa,
ngigcwalise izinqolobane zabo zengcebo.
22“USimakade wangidala kuqala
kunayo yonke imisebenzi yakhe;
ngingowokuqala emisebenzini yakhe.
23Wangimisa kwasemandulo, ekuqaleni,
ngaphambi kokusekelwa komhlaba.
24Zingakabi bikho izinzulu
nemithombo egcwele amanzi, ngazalwa.
25Zingakasekelwa izintaba
nangaphambi kokuba amagquma abe khona, ngazalwa,
26ngaphambi kokuba enze umhlaba namasimu,
nohlamvu lokuqala lothuli lomhlaba.
27Ngesikhathi ehlela amazulu ngangikhona;
nalapho edweba isiyingi ezinzulwini otweni.
28Lapho enza isibhakabhaka phezulu siqine,
nangesikhathi imithombo yezinzulu iphuphuma ngamandla;
29lapho emisela ulwandle umkhawulo,
ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe;
lapho emisa izisekelo zomhlaba,
30ngangiseduze kwakhe,
ngiyingcweti yomsebenzi,
ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla,
ngiyintokozo yakhe,
ngidlala phambi kwakhe sonke isikhathi.
31Ngajabula kuyo yonke indawo
emhlabeni wakhe,
intokozo yami yayikanye nabantwana babantu.
32“Ngakho-ke bantwana, ngizweni,
ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
33Lalelani ukuyalwa,
nenze ngokuhlakanipha;
ningakushayi indiva.
34Ubusisiwe umuntu ongilalelayo,
alinde imihla ngemihla emasangweni ami,
ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.
35Ngokuba ongifunayo, ufumana ukuphila,
azuze umusa kuSimakade.
36Kodwa lowo owehluleka ukungifumana,
uzigwaza ngowakhe;
bonke abangizondayo bathanda ukufa.”