Izindlela Zobuwula
1Ndodana yami,
uma ube yisibambiso somakhelwane wakho,
naze naxhawulana nomfokazi;
2usubanjwe ngamazwi akho,
wabhajwa ngenxa yalokho okushilo.
3Ngakho-ke yenza lokhu, ndodana yami,
ukuze uzikhulule,
ngokuba usuphila phansi
kwesandla sikamakhelwane wakho:
khothama phambi kwakhe, umncengisise.
4Amehlo akho ancishe ubuthongo,
nezinkophe zakho, ukozela.
5Zisindise njengensephe esandleni somzingeli,
nanjengenyoni esandleni somcuphi.
6Yana entuthwaneni, vilandini,
ubone izindlela zayo, uhlakaniphe;
7yona ethi ingenamholi,
nambonisi, nambusi,
8nokho ilungise ehlobo isinkwa sayo,
ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9Uyakulala kuze kube nini, vilandini?
Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10Ngobuthongo nje obuncane,
nokozela nje okuncane,
ukusonga izandla kancane kuze kulalwe;
11ubuphofu buyokwehlela njengomhambuma,
ukuntula kukuhlasele njengendoda ehlomileyo.
12Umuntu ongenamsebenzi walutho, umuntu wokona,
uhamba ephafuza inkohliso;
13ucifa iso,
ashuduze ngezinyawo,
aqhwebe ngeminwe;
14njalo uceba okubi nenkohliso
enhliziyweni yakhe,
futhi uphehla udweshu.
15Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele;
ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.
16Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade,
yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu
emphefumulweni wakhe:
17Ngamehlo azidlayo,
ulimi lwamanga,
izandla ezichitha igazi elingenacala;
18inhliziyo eceba okubi,
izinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso,
odala ingxabano kubafowabo.
Izindlela Zokuphinga
20Ndodana yami,
gcina umyalo kayihlo,
ungawushiyi umthetho kanyoko.
21Yibophele njalo enhliziyweni yakho,
uyithandele entanyeni yakho.
22Mayikuhole ekuhambeni kwakho,
ikulinde lapho ulele,
ikhulume nawe lapho uvuka.
23Ngokuba imiyalo iyisibani,
nomthetho ungukukhanya,
nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,
24ukuze uvikeleke kowesifazane okhohlakeleyo,
nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho,
angakubambi ngezinkophe zakhe.
26Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela
ngeqebelengwane lesinkwa,
kepha umfazi ophingayo womuntu,
uzingela impilo eyigugu yendoda.
27Umuntu angawubeka yini
umlilo esifubeni sakhe,
izingubo zakhe zingashi na?
28Umuntu angahamba yini
phezu kwamalahle avuthayo,
izinyawo zakhe zingashi na?
29Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe:
noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.
30Abamdeleli yini oyisela uma entshontsha
ukuze azisuthise lapho elambile na?
31Uma ebhadanyiwe,
bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa,
akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.
32Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda;
owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.
33Uyakuthola imivimbo nokuphoxeka,
ukwethukwa kwakhe akuyukwesulwa.
34Ngokuba isikhwele sivusa ulaka
endodeni yakhe,
uma isiziphindiselela ngeke ibe nasihawu.
35Ayiyukufuna nhlawulo;
ayiyukukwemukela ukufunjathiswa.