Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sesithathu (2)
1Njengeqhwa ehlobo,
nemvula ngesikhathi sokuvuna,
kanjalo udumo alusifanele isiwula.
2Njengenyoni ekuhambeni kwayo,
nenkonjane ekundizeni kwayo,
sinjalo isiqalekiso esingenasizathu.
3Isiswebhu singesehhashi,
netomu lingelembongolo,
noswazi lungolomhlane weziwula.
4Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,
funa ufane naso.
5Phendula isiwula njengobuwula baso,
funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
6Othumela umbiko ngesiwula uzigwaza ngowakhe;
ufana nozinqume izinyawo.
7Njengemilenze yokhubazekileyo elengayo,
sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.
8Onika isiwula udumo
ufana nobophela itshe endwayimaneni.
9Njengeva elihlaba isandla sesidakwa,
sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.
10Njengomnembi ngomcibisholo olimaza bonke,
unjalo oqasha isiwula esizidlulelayo.
11Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,
kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
12Kunethemba ngesiwula
kunozibona ehlakaniphile emehlweni akhe.
13Ivila lithi:
“Kukhona ingonyama endleleni,
nebhubesi phakathi esigcawini.”
14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,
nevila ecansini lalo.
15Ivila liyasifihla isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli emlonyeni walo.
16Ivila lihlakaniphile emehlweni alo,
kunabayisikhombisa abakhuluma okuhluzekile.
17Njengomuntu obamba inja eyedlulayo ngamadlebe,
unjalo ozigaxa engxabanweni yabanye abantu.
18Njengohlanya oluphonsa izikhuni
nemicibisholo ebulalayo,
19unjalo umuntu
okhohlisa umakhelwane wakhe, athi:
“Bengizintelela nje.”
20Ngaphandle kwezikhuni, umlilo uyacima,
kanjalo lapho kungekho khona abahlebayo,
ingxabano iyaphela.
21Njengamalahle othuthwini
nezinkuni emlilweni,
unjalo umuntu ophehla udweshu.
22Amazwi ohlebayo anjengesibiliboco:
ayehlela ezibilini zomuntu.
23Njengesiliva okucakwe ngalo isitsha sobumba,
zinjalo izindebe ezishelelayo
nenhliziyo embi.
24Onenzondo uyazenzisa ngokukhuluma kwakhe,
ebe enenhloso embi enhliziyweni yakhe.
25Lapho ekhuluma ngendlela emnene, ungakholwa,
ngokuba kunezinengiso eziyisikhombisa
enhliziyweni yakhe.
26Noma inzondo yakhe isibekelwa yinkohliso,
ububi bakhe buyodaluleka ebandleni.
27Omba umgodi uyakuphonseka kuwo,
nogingqa itshe liyakubuya ligaye yena.
28Ulimi oluhubhuza amanga luyabazonda olubalimazile;
nomlomo othophayo uyabhubhisa.