Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (4)
1Indodana ehlakaniphile iyayalwa nguyise,
kodwa isedeleli asilaleli lapho sikhuzwa.
2Umuntu uyakudla okuhle
okuvela emazwini akhe amahle,
kepha abambuluzayo balambele ubudlova.
3Oqaphela akushoyo ulonda impilo yakhe;
uphoshozwayo uyobhubha.
4Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho,
kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.
5Olungileyo uyawazonda amazwi angamanga,
kodwa isikhohlakali sidala amahloni nehlazo.
6Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iqotho,
kodwa inkohlakalo iyasibhubhisa isoni.
7Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho,
nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.
8Inhlawulo yokuphila komuntu yingcebo yakhe,
kepha ompofu akalaleli ekhuzwa.
9Ukukhanya kwabalungileyo kukhanya bha,
kepha izibani zezikhohlakali ziyacima.
10Ukuziqhenya kudala ingxabano yodwa,
kodwa kulabo abemukela ukwelulekwa
kukhona ukuhlakanipha.
11Ingcebo etholakala kalula iyancipha,
kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.
12Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo;
isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.
13Owedelela izwi uzehlisela ukubhujiswa,
kepha owesaba imiyalelo uyakuvuzwa.
14Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila,
ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.
15Ukuqonda kahle kuveza umusa,
kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni.
16Bonke abahlakaniphileyo basebenza ngokwazi,
kepha isiwula sisabalalisa ubuwula.
17Isithunywa esikhohlakele siwela ebubini,
kepha isigijimi esithembekileyo siletha ukuphila.
18Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa,
kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.
19Isifiso esifezekile siyathokozisa emphefumulweni,
kepha ukudeda ebubini
kuyisinengiso kwabayiziwula.
20Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,
kepha ongumngani weziwula uyolimala.
21Ingozi ilandela izoni,
kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle.
22Olungileyo ushiyela abantwana
babantwana bakhe ifa,
kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo.
23Emqathweni wabampofu kukhona ukudla okuningi,
kepha kuyashabalala ngenxa yokungalungi.
24Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe,
kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.
25Olungileyo udla asuthe eneliswe,
kepha isisu sezikhohlakali
seswele esingasuthiswa ngakho.