Indlela Yokulunga Nendlela Yobubi (2)
1Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuSimakade,
kepha isisindo esiyiso siyintokozo kuye.
2Lapho kuvela ukuziqhenya kulandela ihlazo,
kodwa kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
3Ukwethembeka kwabaqotho kuyabahola,
kepha ubugwegwe babambuluzayo buyababhubhisa.
4Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka,
kodwa ukulunga kuyahlenga ekufeni.
5Ukulunga komsulwa kuyayiqondisa indlela yakhe,
kodwa isikhohlakali siyowiswa yinkohlakalo yaso.
6Ukulunga kuyabasindisa abaqotho,
kodwa abanobuqili bayobhajwa ezinkanukweni zabo.
7Lapho omubi efa
liyashabalala nethemba lakhe,
nethemba lokwenza okubi liyashabalala.
8Olungileyo uyakhululwa osizini,
kodwa esikhundleni sakhe kungena isikhohlakali.
9Ukukhuluma komuntu ongenabunkulunkulu
kuyambulala umakhelwane wakhe,
kepha abalungileyo bakhululwa ngolwazi.
10Uma kubahambela kahle abalungileyo
umuzi uyathokoza;
lapho izikhohlakali zibhubha
kuba khona umsindo wentokozo.
11Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa,
kepha ngomlomo wezikhohlakali ucekelwa phansi.
12Umuntu owedelela umakhelwange wakhe akanakuhlakanipha,
kodwa onengqondo uyazithulela.
13Oyinhlebi uhamba edalula izimfihlo,
kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.
14Lapho kungekho zeluleko khona abantu bayawa,
kodwa lapho kunabeluleki abaningi khona
kuba nokuphumelela.
15Oba yisibambiso somfokazi uhlupheka kakhulu,
kodwa ozonda ukwenza kanjalo ulondekile.
16Owesifazane onomusa uzuza udumo,
kodwa izidlova zizuza ingcebo.
17Umuntu onesihawu uwenzela okuhle
umphefumulo wakhe,
kepha ononya uzilimaza yena uqobo.
18Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa,
kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.
19Ogxilile ekulungeni uyakuphila,
kepha olandela okubi kuyakuba ngukufa kuye.
20Abanezinhliziyo eziphambeneyo bayisinengiso kuSimakade,
kodwa abahamba ngezindlela ezimsulwa
bayintokozo kuye.
21Impela omubi akayukuyekwa angajeziswa,
kodwa isizukulwane sabalungileyo siyakuhlengwa.
22Njengendandatho yegolide ekhaleni lengulube,
unjalo owesifazane omuhle ebe engenangqondo.
23Abalungileyo bafisa okuhle kodwa;
ithemba lezikhohlakali wulaka.
24Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe,
kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.
25Umuntu ophanayo uyakuceba;
ophuzisa abanye amanzi uyakuphuziswa naye.
26Abantu bayamqalekisa oncishana ngokudla,
kepha isibusiso siyakuba
sekhanda lothengisa ngakho.
27Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo,
kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela.
28Othembele engcebeni yakhe uyakuwa,
kepha abalungileyo bayakuhluma njengamaqabunga aluhlaza.
29Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize,
nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.
30Isithelo solungileyo singumuthi wokuphila, nohlakaniphileyo
uyayizuza imiphefumulo.
31Olungileyo uthola umvuzo emhlabeni;
kangakanani-ke isikhohlakali nesoni?