Iziluleko Zokuqina Nokuzwana Ekukholweni Nokuthokoza ENkosini
1Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.
2Ngiyabayala o-Ewodiya noSintike ukuba babe nokuqonda okufanayo eNkosini. 3Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.
4Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! 5Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. 6Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga. 7Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu.
8Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho. 9Enakufunda, nakwemukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni konke lokho; uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
UPawula Ubonga Isipho Abasithumele Kuye ERoma
10Ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senibuye nathola ithuba lokunginakekela; kwazise beninginakekela, kodwa ningalitholi ithuba. 11Akusikho ukuthi ngikusho lokhu ngokuba ngeswele, kodwa mina ngifundile ukweneliswa noma ezimeni ezinjani. 12Ngiyakwazi ukuntula, ngiyakwazi futhi nokubusa. Kukho konke nasezintweni zonke, ngiyifundisiwe imfihlakalo: ukusutha, ukulamba, ukubusa nokuntula. 13Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.
14Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. 15Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. 16Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. 17Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. 18Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. 19UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu.
20Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen.
Isiphetho
21Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKhristu uJesu. Abazalwane abanami lapha bayakhonza kini. 22Bayakhonza bonke abazalwane abangcwele, ikakhulu abendlu kaKhesari.
23Umusa weNkosi uJesu Khristu mawube nomoya wenu.