Isibingelelo
1UPawula noThimothewu, izinceku zikaKhristu uJesu, kubo bonke abangcwele kuKhristu uJesu abaseFiliphi, nababheki bebandla kanye nabadiyakhoni. 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Khristu.
UPawula Ubonga UNkulunkulu Ngabo, Abakhulekele
3Ngiyambonga uNkulunkulu wami ngezikhathi zonke enginikhumbula ngazo. 4Njalo ekuninxuseleni kwami, nginxusa ngokuthokoza, 5ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje. 6Nginesibindi ngempela sokuthi owuqalile umsebenzi omuhle kini uzakuwufeza, kuze kube wusuku lukaKhristu uJesu. 7Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.
8UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu. 9Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke, 10ukuba nikwazi ukukhetha okusemqoka, ukuze nibe mhlophe, futhi ningabi nasici osukwini lukaKhristu; 11nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ngaye uJesu Khristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
UPawula Ulanda Ngokuhlala Kwakhe Eboshiwe ERoma
12Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli. 13Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu. 14Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.
15Abanye kambe bashumayela uKhristu ngomhawu nangombango, kodwa abanye ngenhliziyo enhle. 16Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. 17Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe. 18Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza. 19Ngokuba ngiyazi ukuthi imikhuleko yenu nokungisiza kwenu okukhulu ngokukaMoya kaJesu Khristu, kuzakwelekelela ekukhululweni kwami. 20Ngiyalangazelela, futhi ngethemba ukuthi akukho lutho oluzongijabhisa, kodwa ngizokuba nesibindi esanele ukuze njengokuba kuhlala kwenzeka, uKhristu enziwe mkhulu emzimbeni wami, noma kungokuphila noma kungokufa. 21Ngokuba kimina ukuphila kunguKhristu, ukufa kuyinzuzo. 22Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. 23Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu; 24kanti futhi ukuhlala kulo mzimba kudingeke kakhulu ngenxa yenu. 25Nginaso lesi siqiniseko, futhi ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kuqhubeke ukuthokoza kwenu ekukholweni, 26ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKhristu uJesu ngobukhona bami futhi kini.
UPawula Uyabayala Ukuba Bahambe Ngokwevangeli
27Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli. 28Maningethuswa ngalutho yilabo abamelene nani, okuyisiboniso kubo sokubhubha kwabo, kodwa nina niyakusindiswa; lokhu impela kuvela kuNkulunkulu. 29Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe, 30lokhu nani-ke nisalwa leyo mpi enangibona ngiyilwa, namanje nizwile ukuthi ngisayibambile.