Umthetho Weminikelo Enhlobonhlobo
1“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lokuqala lwayo, niyoba nomhlangano ongcwele, aniyukusebenza msebenzi; kuyokuba wusuku lwenu lokushaya amacilongo. 2Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, ube yiphunga elimnandi kuSimakade: iduna, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye ezingenasici, 3nomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, okweshumi okubili ngenqama, 4nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa. 5Impongo ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana, 6ngaphandle komnikelo wokushiswa wokwethwasa kwenyanga nomnikelo wawo wokusanhlamvu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu, neminikelo yayo yokuphuzwayo ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.
Iminikelo Yosuku Lokubuyisana
7“ ‘Ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele, niyakuphumula; ningenzi msebenzi. 8Niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi: iduna, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinonyaka ezingenasici, 9nomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama, 10nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa. 11Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngale komnikelo wesono wokubuyisana, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu, neminikelo yayo yokuphuzwayo.
Iminikelo Yomkhosi Wamadoko
12“ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukwenza msebenzi, niyogubhela uSimakade umkhosi izinsuku eziyisikhombisa. 13Niyonikela ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo oyiphunga elimnandi kuSimakade: amaduna ali-13, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna eli-14 ezinyaka munye ezingenasici, 14nomnikelo wazo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi ezili-13, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili, 15nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana ezili-14. 16Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngale komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
17“ ‘Ngosuku lwesibili niyonikela ngalokhu: amaduna ali-12, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 18nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 19Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu neminikelo yayo yokuphuzwayo.
20“ ‘Ngosuku lwesithathu niyonikela ngalokhu: izinkunzi ezili-11, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 21nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 22Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
23“ ‘Ngosuku lwesine niyonikela ngalokhu: izinkunzi ezilishumi, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 24nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 25Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
26“ ‘Ngosuku lwesihlanu niyonikela ngalokhu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 27nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 28Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
29“ ‘Ngosuku lwesithupha niyonikela ngalokhu: izinkunzi eziyisishiyagalombili, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 30nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 31Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu neminikelo yawo yokuphuzwayo.
32“ ‘Ngosuku lwesikhombisa niyonikela ngalokhu: izinkunzi eziyisikhombisa, izinqama ezimbili, izimvu ezingamaduna ezili-14 ezinyaka munye ezingenasici, 33nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 34Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
35“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyoba nombuthano ozothileyo; aniyukwenza msebenzi, 36kepha niyonikela kuSimakade ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi: inkunzi, inqama, izimvu ezingamaduna eziyisikhombisa ezinyaka munye ezingenasici, 37nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngenkunzi nangenqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso. 38Impongo ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokusanhlamvu nomnikelo wawo wokuphuzwayo.
39“ ‘Lokhu niyonikela ngakho kuSimakade ngemikhosi yenu emisiweyo, ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle, kube yiminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yokusanhlamvu, neminikelo yenu yokuphuzwayo, neminikelo yenu yokuthula.’ ”
40UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli konke lokho uSimakade ayemyale ngakho.