Imithetho Yobungcwele
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.
3“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
4“ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
5“ ‘Lapho ninikela ngomhlatshelo wokuthula kuSimakade, niyowunikela ngendlela eyokwenza namukeleke. 6Niyowudla ngosuku eniwunikele ngalo nangakusasa, uma usalile kwaze kwaba lusuku lwesithathu, niyowushisa emlilweni. 7Uma udliwa ngosuku lwesithathu, inyama yawo eseyonakele ayiyukwemukeleka. 8Noma ngubani oyoyidla, uyothwala ububi bakhe, ngokuba ungcolise okungcwele kukaSimakade, lowo muntu uyonqunywa kubantu bakubo.
9“ ‘Uma nivuna isivuno sezwe lakini, awuyukuvuna konke emagunjini ensimu yakho, noma ucoshe ngisho okuwe phansi ensimini yakho. 10Awuyukuvuna konke esivinini sakho, awuyukubutha amagilebhisi avuthuluke kuso, uyowashiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.
11“ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.
12“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.
13“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.
14“ ‘Awuyukusiqalekisa isithulu, awuyukubeka isikhubekiso phambi kwempumputhe, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.
15“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.
16“ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.
17“ ‘Awuyukumzonda umfowenu enhliziyweni yakho. Uyomkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kodwa ungabi nasono ngaye.
18“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.
19“ ‘Niyakuzigcina izimiso zami. Aniyukuvumela izilwane zenu zizekwe ngolunye uhlobo. Aniyukuhlwanyela ensimini yenu izinhlobo ezimbili zembewu, futhi aniyukugqoka ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zezintanjana.
20“ ‘Oyolala nowesifazane oyisigqila eyingoduso yomunye, kodwa engahlengiwe, noma athole inkululeko, kuyokwenziwa ucwaningo, abanakubulawa ngenxa yokuba wayengakanikwa inkululeko. 21Uyoletha umnikelo wakhe wecala kuSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, inqama ibe ngumnikelo wecala. 22Umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala phambi kukaSimakade, ngenxa yesono sakhe asenzileyo, athethelelwe esonweni sakhe asenzileyo.
23“ ‘Uma senifikile ezweni, niyotshala izinhlobonhlobo zemithi edliwayo, kuthi izithelo zayo nizithathe njengokungasoki kwayo iminyaka emithathu zibe njengezingasokiwe kini: aniyukuzidla. 24Kepha ngonyaka wesine zonke izithelo zayo ziyokuba ngcwele, ezokudumisa uSimakade. 25Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
26“ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu.
27“ ‘Aniyukudilinga amakhanda enu emaceleni; awuyukona isilevu sakho emaceleni.
28“ ‘Aniyukuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo; aniyukuqopha mibhalo emabalabala kuyo; nginguSimakade.
29“ ‘Awuyukuyingcolisa indodakazi yakho ngokuyigqugquzela ukuba ibe yisifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, ligcwale ukonakala.
30“ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indawo yami engcwele; nginguSimakade.
31“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
32“ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.
33“ ‘Uma umfokazi egogobele ezweni lakini, aniyukumcindezela.
34“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.
35“ ‘Aniyukwenza ukungalungi lapho nehlulela, nasekulinganiseni isisindo nomthamo. 36Niyakuba nezilinganiso zeqiniso, nezisindo zeqiniso, ne-efa leqiniso, nehini leqiniso; nginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe.
37“ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”