Ukuhlanjululwa Kwabanochoko
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2“Lena yindlela yomthetho eyolandelwa kulowo onochoko ngosuku ahlanjululwa ngalo: uyolethwa kumphristi, 3umphristi uyophumela ngaphandle kwenkambu. Bheka, uyakumhlolisisa khona ukuthi isifo sochoko sesiphelile yini. 4Umphristi uyoyala ukuba ozohlanjululwa alethelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo, nomsedari, indwangu ebomvu nehisopi. 5Umphristi uyakuyala ukuba ihlatshwe enye yezinyoni phezu kwamanzi esitsheni sebumba. 6Uyothatha inyoni ephilayo, umsedari, indwangu ebomvu nehisopi, akucwilise nenyoni ephilayo egazini lenyoni ehlatshelwe phezu kwamanzi agelezayo. 7Uyakulifafaza kasikhombisa kulowo ohlanjululwayo ochokweni, amemezele ukuthi uhlambulukile, bese eyayiyeka inyoni ephilayo, indizele endle.
8“Ohlanjululwayo uyohlanza izingubo zakhe, aphuce zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke. Emveni kwalokho uyakungena enkanjini, kodwa uyohlala ngaphandle kwethende lakhe izinsuku eziyisikhombisa. 9Ngosuku lwesikhombisa uyakuphuca zonke izinwele ekhanda lakhe, nasesilevini, nasemashiyeni; yebo, uyakuziphuca zonke izinwele zakhe. Uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, ahlambuluke.
10“Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha. 11Umphristi ohlambululayo uyobeka umuntu ozohlanjululwa nalezo zinto phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana. 12Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. 13Uyoyihlaba imvu yeduna lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, endaweni engcwele, ngokuba umnikelo wecala njengomnikelo wesono, ungowomphristi; ungcwelengcwele. 14Umphristi uyothatha elinye igazi lomnikelo wecala, alibhece endlebeni yesokudla yalowo ohlanjululwayo, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene. 15Umphristi uyothatha amanye amafutha kulo ilogi, awathele entendeni yesandla sakhe sokhohlo; 16agcobhoze umunwe wakhe wesokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, achinse amafutha ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kukaSimakade. 17Amanye amafutha asele esandleni sakhe umphristi uyowagcoba endlebeni yesokunene yalowo ohlanjululwayo, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala. 18Amafutha aseleyo esandleni somphristi uyowagcoba ekhanda lalowo ozohlanjululwa, bese umphristi emenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade.
19“Umphristi uyonikela umnikelo wesono, ewenzela lowo ohlanjululwayo ukuze athole ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa. 20Umphristi uyonikela ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wokusanhlamvu e-althare; amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
21“Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, uyothatha imvu eyodwa eyiduna ibe ngumnikelo wecala, uzungeziswe ukumenzela ukubuyisana, nokukodwa eshumini kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu, nengxenye yelogi lamafutha, 22namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, ngokwamandla akhe. Elinye liyoba ngumnikelo wesono. Elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
23“Ngosuku lwesishiyagalombili uyowaletha kumphristi ngasemnyango wethende lokuhlangana, phambi kukaSimakade, abe ngawokuhlanjululwa kwakhe. 24Umphristi uyothatha imvu yomnikelo wecala nengxenye yelogi lamafutha, uyokuzungezisa kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. 25Uyohlaba imvu yomnikelo wecala, athathe igazi lomnikelo wecala, alibhece endlebeni yesokunene yohlanjululwayo, nasesithupheni sakhe sakwesokunene, nakuqukula wakhe wesokunene. 26Umphristi uyothela amanye alawa mafutha entendeni yesandla sakhe sokhohlo; 27achinse kasikhombisa ngomunwe wakhe wesokunene phambi kukaSimakade amanye amafutha asesandleni sakhe sokhohlo. 28Umphristi uyothatha amafutha asesandleni sakhe, awagcobe endlebeni yesokunene yohlanjululwayo, nasesithupheni sakhe sakwesokunene, nakuqukula wakhe wesokunene, akwenzele endaweni yegazi lomnikelo wecala. 29Amafutha asele esandleni somphristi uyowagcoba ekhanda lohlanjululwayo ukumenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade. 30Uyonikela ngelinye lamahobhe noma ngelinye lamaphuphu ejuba, njengalokhu engaphumelela ukwenza. 31Elilodwa libe ngelomnikelo wesono, elinye libe ngelomnikelo wokushiswa nomnikelo wokusanhlamvu. Umphristi uyomenzela ohlanjululwayo ukubuyisana phambi kukaSimakade.”
32Lena yindlela yomthetho eyolandelwa kulowo onesifo sochoko, ongenawo amandla okuba nomnikelo oqondene nokuhlanjululwa kwakhe.
Ukuhlanjululwa Kwendlu Enochoko
33USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni, wathi: 34“Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo. 35Umninindlu uyoza atshele umphristi, athi: ‘Kungathi kuvele isifo esithile endlini yami.’ 36Umphristi uyoyala ukuba kukhishwe okuphakathi endlini ngaphambi kokuba angene ukuyohlola ukuthi sikhona yini isifo, ukuze konke okusendlini kungangcoli, andukuba umphristi angene ukuhlola indlu. 37Uyohlola ukuthi isifo sikhona yini, uma isifo sisezindongeni zendlu, kukhona amabala aluhlazana noma abomvana, nokubonakala kwawo kujulile kunodonga, 38umphristi uyophuma aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa. 39Umphristi uyobuya ngosuku lwesikhombisa, ukuhlola ukuthi ibala landile yini odongeni lwendlu. 40Umphristi uyoyala ukuba amatshe ahlaselwe yisifo akhishwe, alahlwe endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi. 41Indlu iyophalwa ngaphakathi nhlangothi zonke, uthuli oluphaliweyo baluthele endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi. 42Bayothatha amanye amatshe bawafake endaweni yalawo akhishiweyo. Bayothatha udaka olusha bagudule ngalo indlu.
43“Uma isifo sibuye savumbuka kabusha endlini emveni kokuba ekhiphe amatshe okuqala, nasemveni kokuphalwa kwendlu nokuphahlekwa kwayo, 44umphristi uyohamba ayoyihlola. Uma isifo sandile endlini, kunochoko olubi olwandayo endlini; ingcolile. 45Uyoyibhidliza indlu, amatshe ayo, amapulangwe ayo, nodaka lwayo akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
46“Oyongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe. 47Oyolala kuleyo ndlu noyodlela kuyo makahlanze izingubo zakhe.
48“Uma umphristi efika ukuzoyihlola, athole ukuthi isifo asandile endlini emveni kokugudulwa kwayo, umphristi uyakumemezela ukuthi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo siphelile. 49Uyothatha izinyoni ezimbili, umsedari, indwangu ebomvu nehisopi, ukuze ahlambulule indlu. 50Enye yezinyoni uyoyihlabela esitsheni sebumba phezu kwamanzi agelezayo. 51Uyothatha umsedari, ihisopi, indwangu ebomvu nenyoni ephilayo, akucwilise egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agelezayo, ayifafaze indlu kasikhombisa. 52Uyakuyihlambulula indlu ngegazi lenyoni, ngamanzi agelezayo, ngenyoni ephilayo, ngomsedari, ngehisopi, nangendwangu ebomvu. 53Uyoyiyeka inyoni ephilayo, indize iphume emzini iye endle, ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; ihlambuluke.”
54Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nangomuna: 55uchoko lwengubo, olwendlu, 56olweguludla, olotwayi, nolwebala elikhanyayo, 57ukufundisa ukuthi kunini lapho umuntu engcolile nalapho ehlambulukile; yilowo-ke umthetho wochoko.