Ukumiswa Kwethende Lokuhlangana Nokwehlukaniswa Kwezwe
1Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo. 2Kwakusasele izizwe eziyisikhombisa phakathi kuka-Israyeli ezazingakasitholi isabelo sazo.
3Ngakho-ke uJoshuwa wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Niyakudembesela kuze kube nini ningaphumi nidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona na? 4Khethani amadoda ngamathathu kuleso naleso sizwana. Ngizowathuma aphume ahambe kulona lonke izwe, alobe ngalo alichaze asho ukuthi lifa lini elingabelwa leso naleso sizwana, bese ebuyela kimi. 5Ayakulehlukanisa izingxenye eziyisikhombisa: uJuda aqhubeke ahlale endaweni yakhe eseningizimu, indlu kaJosefa endaweni yayo enyakatho. 6Anoloba nilichaze izwe nilehlukanise kasikhombisa, bese niletha incazelo kimi, nginenzele unkatho phambi kukaSimakade uNkulunkulu wethu. 7AbaLevi abanasabelo phakathi kwenu, ngokuba ubuphristi bukaSimakade buyifa labo. UGadi noRubeni nengxenye yesizwna sakwaManase sebesitholile isabelo sabo ngaphesheya kweJordani empumalanga, uMose inceku kaSimakade abanika sona.”
8Amadoda eyesengena indlela; uJoshuwa wabayala labo ababezoloba bachaze ngezwe, wathi: “Hambani kulo lonke izwe nilobe nichaze ngomumo wezwe, bese nibuya nize kimi; ngizonenzela unkatho phambi kukaSimakade eShilo.”
9Ngakho-ke amadoda ahamba, adabula ezweni, aloba encwadini achaza ngomumo walo imizi ngemizi, izabelo eziyisikhombisa; ayesebuyela kuJoshuwa enkanjini eShilo. 10UJoshuwa eseShilo wabenzela unkatho phambi kukaSimakade, wababela izwe abakwa-Israyeli kwayilowo nalowo waba nesabelo sakhe.
Isabelo Sesizwana SakwaBhenjamini
11Benza unkatho ngesizwana sabozalo lukaBhenjamini nemindeni yaso; banikezwa indawo eyayiphakathi kwabozalo lukaJuda nabolukaJosefa.
12Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni. 13Kusuka lapho umngcele wedlula ngaseningizimu ngendlela eya eLuze, eceleni kweLuze eliyiBhethele, wehlele e-Atharothi Adari entabeni esezansi ngaseningizimu yeBhethi Horoni.
14Umngcele bese ubheka kwenye ingxenye, ujike ubheke ngasentshonalanga-ningizimu; kusuka entabeni ebhekene neBhethi Horoni eningizimu uphele eKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi engumuzi wabantu bakwaJuda. Lolu wuhlangothi olungasentshonalanga.
15Umngcele ongaseningizimu uqala ekupheleni kweKiriyathi Jeharimi, umngcele uqhubeke uye e-Efroni emthonjeni wamanzi aseNefithowa, 16wehle ubheke emngceleni wentaba ebhekene nesigodi sendodana kaHinomi, esingasenyakatho ekugcineni nesigodi iRefayimu; wehlele esigodini sikaHinomu, esiseningizimu nomthambeka wamaJebusi, wehle njalo uze uyofika e-Eni Rogeli, 17bese uyajika ubheke enyakatho uqonde e-Eni Shemeshi, kusuka lapho uye eGelilothi elibhekene nommango e-Adumimi, wehlele etsheni likaBhohanu indodana kaRubeni; 18udlule ubheke enyakatho emthambekeni eBhethi Araba wehle uze ufinyelele e-Araba. 19Wedlulela ngasenyakatho yomthambeka waseBhethi Hogila, uze uphelele echwebeni loLwandle Lukasawoti, ekugcineni ngaseningizimu yeJordani. Yilowo-ke umngcele wangaseningizimu.
20IJordani ingumngcele ongasempumalanga. Lesi yisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo. Uzungeza kusukela emngceleni kuya komunye.
21Imizi yesizwana sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yaso kwakuyiJerikho, iBhethi Hogila, i-Emekhi Kezizi, 22iBhethi Araba, iZemarayimi, iBhethele, 23i-Avimi, iPhara, i-Ofira, 24iKhefari Amoni, i-Ofini, neGebha. Kuyimizi eli-12 nemizana yaso. 25IGibheyoni, iRama, iBherothi, 26iMizpha, iKhefira, iMosa, 27iRekhemi, i-Iripheyeli, iTharala, 28iZela, i-Hahelefi, iJebusi okuyiJerusalema, iGibheya, neKiriyathi, kuyimizi eli-14 nemizana yayo. Lesi kwakuyisabelo sabozalo lukaBhenjamini ngokwemindeni yabo.