USimakade Uyaqhubeka Nokuphendula UJobe
1USimakade waqhubeka wamphendula uJobe, wathi:
2“Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na?
Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”
UJobe Uphendula USimakade
3UJobe wamphendula uSimakade, wathi:
4“Bheka, angiyinto yalutho,
ngingakuphendula ngithini na?
Kungcono ngibeke isandla sami
emlonyeni, ngithule.
5Ngikhulumile kanye,
angisayukuphendula,
yebo, kabili,
kepha angisaqhubeki.”
USimakade Uphendula UJobe
6USimakade wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7“Bopha ukhalo lwakho njengendoda,
ngizokubuza, wena ungazise.
8Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami,
ungilahla ngecala
ukuze wena ube ngolungileyo na?
9Unengalo njengoNkulunkulu yini na?
Ungaduma yini ngezwi elinjengelakhe na?
10Zihlobise ngobukhosi nangokuhlonipheka,
wembathe udumo nenkazimulo.
11Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho,
ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12Babheke bonke abaziphakamisayo,
ubehlisele phansi,
unyathele phansi izikhohlakali
ezindaweni zazo.
13Bafihle othulini kanyekanye,
ubophe ubuso babo
endaweni efihlakeleyo.
14Khona ngiyakuvuma kuwe
ukuthi yisandla sakho
sokunene kuphela esingasindisa.”
UBhehemothi
15“Ake ubheke uBhehemothi
engamenza kanye nawe,
udla utshani njengenkabi.
16Bheka-ke, amandla akhe asokhalo lwakhe,
nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17Uqinisa umsila wakhe njengomsedari,
imisipha yamathanga akhe iphothene.
18Amathambo akhe ayimibhobho yethusi,
izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19Ungowokuqala wemisebenzi kaNkulunkulu,
nguMenzi wakho kuphela
ongasondela kukho ngenkemba.
20Ngokuba izintaba ziveza ukudla,
lapho izilwane zasendle zingqabashiya khona.
21Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi,
ezindaweni ezisithekile,
emhlangeni nasemaxhaphozini.
22Izihlahla ezinomthunzi zimsitha ngomthunzi wazo,
azungezwe yiminyezane esemfuleni.
23Bheka, ngisho umfula ugola izintethe,
akethuki, uyazethemba, noma ngabe
iJordani idla izindwani.
24Ukhona yini ongambamba ebhekile,
amcuphe ngonoxhaka,
abhoboze ikhala lakhe na?”