U-Elihu Ukhuza UJobe Ngokusola UNkulunkulu
1“Kepha manje, Jobe, ake ungilalele,
yizwa amazwi ami.
2Ngivula umlomo wami,
ulimi lwami luyakhuluma.
3Amazwi ami aveza ubuqotho
benhliziyo yami,
lokho izindebe zami ezikwaziyo,
zikukhuluma ngeqiniso.
4UMoya kaNkulunkulu ungenzile,
nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5Ngiphendule, uma ukwazi,
hlela amazwi akho phambi kwami,
ume ubhekane nami.
6Bheka, phambi kukaNkulunkulu ngifana nawe nje,
nami ngibunjwe ngodongwe.
7Ungesabi ungangenwa ngamanzi emadololweni,
nesandla sami asizukuba nzima phezu kwakho.
8“Impela ukhulumile, ngizizwela ngezami izindlebe,
ngawezwa amazwi owashilo.
9Uthi: ‘Ngimsulwa, anginasiphambeko,
ngilungile, akukho okubi kimi.
10Uthole amathuba okumelana nami,
ungishaya isitha sakhe.
11Ufaka izinyawo zami ezingongolweni,
aqaphe zonke izinyathelo zami.’
12“Kulokhu awukhulumanga kahle.
Ngizokuphendula, uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.
13Kungani uqagulisana naye,
ngokuthi akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.
14Empeleni, uNkulunkulu ukhuluma ngendlela eyodwa,
noma ezimbili,
nokho umuntu akakunaki lokho.
15Ephusheni nasembonweni ebusuku,
lapho abantu belele ubuthongo obunzima,
bethe zwi emibhedeni yabo,
16khona uyazivula izindlebe zabantu,
abethuse ngezexwayiso zakhe,
17ukuze amphendule umuntu ezenzweni zakhe,
ashabalalise ukuzidla kumuntu.
18Umphefumulo wakhe awuphephise egodini,
nokuphila kwakhe kungabhujiswa ngomkhonto.
19Uyajeziswa ngobuhlungu esecansini lakhe,
nangokunkenketha okungapheliyo emathanjeni akhe.
20Inhliziyo yakhe iyanengwa ngukudla,
nomphefumulo wakhe uyakwenyanya ukudla
akade ekufisa.
21Umzimba wakhe uyancunzeka,
uphele emehlweni,
amathambo akhe akade engabonakali
ahlale obala.
22Umphefumulo wakhe usondela egodini,
nempilo yakhe, kubabulali.
23“Uma bekungaba khona ingelosi,
ummeli abe munye enkulungwaneni,
obeyothi lo muntu ulungile,
24uNkulunkulu abe nomusa kuye, athi:
‘Mhlenge angehleli egodini, ngisitholile isihlengo,’
25isikhumba sakhe sibe njengesomntwana,
abuyele emihleni yobusha bakhe,
26khona uyakukhuleka kuNkulunkulu,
Yena amamukele,
eze kuye ngentokozo,
uNkulunkulu ambuyiselele ukulunga kwakhe.
27Lo muntu bese ebheka abantu,
athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo,
kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.
28Uwuhlengile umphefumulo wami,
awaze wedlulela egodini;
impilo yami izokubona ukukhanya.’
29“Konke lokhu
uNkulunkulu uyakwenza kumuntu kabili,
yebo, nakathathu,
30ukuze awubuyise umphefumulo wakhe egodini,
akhanyiselwe ngokukhanya kokuphila.
31Yizwa Jobe, ngilalele,
thula, mina ngizakukhuluma.
32Uma unamazwi, ngiphendule,
khuluma, ngokuba
ngifisa ukukuthethelela.
33Uma ungenawo, ngilalele,
thula, ngiyakukufundisa ukuhlakanipha.”