Inkulumo Yokugcina KaJobe Isaqhubeka
1UJobe wabuye waqhubeka nenkulumo yakhe, wathi:
2“Sengathi ngabe nginjengasezinyangeni ezedlule,
nanjengasezinsukwini lapho uNkulunkulu ayengiqaphile,
3lapho isibani sakhe sasikhanya
phezu kwekhanda lami,
ngihamba ebumnyameni ngokukhanya kwakhe,
4njengoba nganginjalo ezinsukwini zobunsizwa bami,
lapho ubukhona bukaNkulunkulu
babuphezu kwethende lami,
5lapho uSomandla esenami,
nabantwana bami besangizungezile,
6lapho izinyathelo zami
zazigezwa ezaqheqheni,
nedwala elaliseduze kwami
lalingithelela imifula yamafutha.
7“Lapho ngiphuma ngiya esangweni lomuzi,
nalapho ngihlala esihlalweni sami esigcawini,
8izinsizwa zazingibona maqede zicashe,
izimpunga zisukume zime,
9izikhulu ziyeke ukukhuluma,
zibeke izandla zazo emilonyeni,
10izwi lezikhulu lalithuliswa,
ulimi lwazo lunamathele olwangeni.
11Indlebe engizwayo, yayithi ngibusisiwe,
neso elingibonayo lingifakazela,
12ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo,
nezintandane ezingenamsizi.
13Isibusiso sowayesezobhubha sasehlela kimi,
ngayenza yahuba ngenjabulo inhliziyo yomfelokazi.
14Ngembatha ukulunga,
kwaba njengesembatho kimi,
ubulungiswa kimi baba njengengubo nomqhele.
15Ngaba ngamehlo abayizimpumputhe
nezinyawo zabayizinyonga.
16Ngaba nguyise wabantulayo,
ngaluphenyisisa udaba lwalowo engingamaziyo.
17Ngayifahlaza imihlathi yongalungile,
ngahlwitha impango emazinyweni akhe.
18“Ngase ngithi:
‘Ngizofela emzini wami;
izinsuku zami ngizandise
zibe ngangesihlabathi.
19Impande yami iyokwenabela emanzini,
kulale amazolo egatsheni lami
ubusuku bonke;
20udumo lwami luba lusha njalo,
nomnsalo wami wenziwe musha
esandleni sami.’
21“Abantu bebengilalela,
balinde,
bathule cwaka,
balalele iseluleko sami.
22Uma sengikhulumile kwakungaphinde kukhulume muntu,
amazwi ami ayeconsela phezu kwabo njengamazolo.
23Babengilindela njengemvula,
bakhamise imilomo yabo
njengonxanele imvula yasentwasahlobo.
24Ngabahleka bangakholwa,
ukuchachamba kobuso bami abakuqedanga.
25Ukuba ngangikhethe izindlela zabo,
ngangizohlala ngingumholi,
nginjengenkosi phakathi kwamabutho,
njengoduduza abalilayo.”