lzono Zolimi
1Bazalwane bami, iningi lenu malingabi ngabafundisi, ngokuba niyazi ukuthi siyakwemukeliswa ukwehlulelwa okunzima. 2Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.
3Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi, sikwenza lokho ukuze asilalele, siyawuqondisa wonke nomzimba wawo. 4Bhekani, nemikhumbi njengoba imikhulu nje, idudulwa yimimoya enamandla, iqondiswe ngumshayeli ngephini elincane, iye lapho efuna ukuba iye khona. 5Lunjalo-ke nolimi, luyisitho esincane, kodwa luzigabisa kakhulu. Phela inhlansana nje ingathungela ihlathi elikhulu. 6Kanjalo-ke nolimi lungumlilo, phakathi kwezitho zomzimba, ulimi lugcwele ukonakala, luyawungcolisa wonke umzimba, luthungele konke ukuphila, bese lona lubabelwa yisihogo.
7Ngokuba lonke uhlobo lwezilwane nolwezinyoni nolwezilwane ezihuquzelayo, zonke zithanjiswa futhi zathanjiswa ngabantu. 8Kepha akukho muntu kubantu onamandla okuluthambisa ulimi; lungububi obungalawuleki, lugcwele isihlungu esibulalayo.
9Ngolimi sibonga iNkosi uBaba, nangalo futhi siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. 10Emlonyeni owodwa kuphuma izibusiso neziqalekiso. Bazalwane bami, akufanele ukuba lokho kube kanjalo. 11Umthombo uyakhipha yini amanzi amnandi nababayo esiphethwini esisodwa na? 12Bazalwane bami, umkhiwane ungathela yini izithelo zomnqumo, noma umvini uthele amakhiwane na? Kanjalo namanzi anosawoti angewakhiphe amanzi amtoti.
Ukuhlakanipha Okuvela Phezulu
13Ngubani ohlakaniphileyo noqondayo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle ukuthi imisebenzi yakhe yenziwe ngobumnene bokuhlakanipha. 14Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso. 15Lokho kuhlakanipha akuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, okwemvelo nokwamadimoni, 16ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.
17Kepha ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala nje, kuhlanzekile, bese kuba nokuthula, uzwela, ukulalela, futhi kugcwele ububele nezithelo ezinhle; akunalubandlululo nakuzenzisa. 18Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.