Inkululeko KuKhristu
1UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila. 2Mina Pawula ngithi kini: uma nisoka, uKhristu akanalusizo lwalutho kini. 3Ngiyaphinda ngiyafakaza kubantu bonke ukuthi osokayo uphoqelekile ukuba awufeze wonke umthetho. 4Nahlukene noKhristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni. 5Ngokuba thina, ngaye uMoya, silindele ithemba lokulungisiswa ngokukholwa. 6KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.
7Benigijima kahle, pho ngubani onithiyile ukuba ningalilandeni iqiniso na? 8Lokhu kuhehwa akuveli kulowo owanibizayo. 9Imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama. 10Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyukucabanga ngenye indlela. Kepha noma ngabe ngubani lowo onikhathazayo, uyakuthwala ukwehlulelwa. 11Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, pho ngizingelelwani na? Ukuba bekunjalo ngabe sisusiwe isikhubekiso sesiphambano. 12Sengathi bangazithena bona labo abanihluphayo.
Imisebenzi Yenyama Nezithelo ZikaMoya
13Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando. 14Ngokuba umthetho wonke uqoqwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
15Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.
16Kepha ngithi: hambani ngoMoya, khona aniyukuzifeza izinkanuko zemvelo yenu eyonakeleyo. 17Ngokuba imvelo eyonakeleyo ikhanuka okuphambene noMoya, noMoya okuphambene nemvelo eyonakeleyo. Lezi zinto ziyamelana, ukuze ningakwenzi lokho enikufisayo. 18Kepha uma niholwa nguMoya, anikho neze phansi komthetho.
19Imisebenzi yemvelo eyonakeleyo isobala, yilena: ubufebe, ukungcola, amanyala, 20ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu, 21umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.
22Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, 23ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto. 24Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo. 25Uma siphila ngoMoya, masenze futhi okuhambisana noMoya. 26Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.