UHezekeli 2
Ukubizwa KukaHezekeli
1Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”
2Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi.
3Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla. 4Bangabantu abanenkani nenhliziyo elukhuni, ngiyakuthuma kubo, uyakuthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi ...’ 5Noma ngabe bayalalela noma abalaleli, ngokuba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umphrofethi phakathi kwabo. 6Wena, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma ngabe afana namakhakhasi nameva kuwe, uhleli nofezela, ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo. 7Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki. 8Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”
9Ngabona, bheka, naso isandla eselulelwe ngakimi, kuso kunomqulu wencwadi. 10Wawendlala phambi kwami, wawulotshiwe ngaphandle nangaphakathi. Kuwo kwakubhalwe izililo nokuzila, nokuthi: “Maye!”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.