Ukubusiswa Kwethabanakeli Nakho Konke Okukulo
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana. 3Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo. 4Uyakungenisa itafula, uhlele izinto eziphezu kwalo, uyakufaka uthi lwesibani bese ubeka izibani zalo. 5Uyakubeka i-althare legolide lokushisela impepho phambi komphongolo wesivumelwano, bese ufaka isihenqo somnyango wethabanakeli. 6Uyakubeka i-althare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana. 7Ubeke umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuwo. 8Uyakulungisa igceke nxazonke, bese ulengisa isihenqo sesango legceke.
9“Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele. 10Uyakugcoba ne-althare lomnikelo wokushiswa nayo yonke impahla yalo, ulingcwelise i-althare, ukuze i-althare libe ngcwelengcwele. 11Uyakugcoba umcengezi nesinqe sawo, uwungcwelise.
12“Emveni kwalokho uyakuletha u-Aroni namadodana akhe ekungeneni kwethende lokuhlangana, bese ubageza ngamanzi. 13Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi. 14Uyakuletha futhi namadodana akhe, uwembathise amabhantshi enkonzo. 15Uwagcobe njengalokhu wenzile kuyise, ukuze angikhonze engabaphristi. Ukugcotshwa kwabo kuyobangenisa ebuphristini baphakade izizukulwane ngezizukulwane.”
16UMose wenza konke njengalokhu uSimakade ayemyalile.
17Ngenyanga yokuqala ngonyaka wesibili, ngosuku lokuqala lwenyanga, ithabanakeli lamiswa. 18UMose walimisa ithabanakeli, wabeka izisekelo zalo, wamisa amapulangwe, wafaka imishayo, wamisa izinsika zalo. 19Walendlala ithende phezu kwethabanakeli, weleka ngokokulimboza phezu kwalo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 20Wathatha izibhebhe ezimbili zamatshe wazifaka emphongolweni. Wafaka izingongolo emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo. 21Wawungenisa umphongolo ethabanakelini, wamisa isihenqo sokuhenqela umphongolo wesivumelwano, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 22Wafaka itafula ethendeni lokuhlangana, walibeka ohlangothini olungasenyakatho lwethabanakeli ngaphandle kwesihenqo, 23wahlela kahle isinkwa phezu kwalo phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 24Wabeka uthi lwezibani ethendeni lokuhlangana, maqondana netafula elisohlangothini olungaseningizimu yethabanakeli. 25Wayesebeka izibani phambi kukaSimakade, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 26Wabeka i-althare legolide ethendeni lokuhlangana phambi kwesihenqo, 27wayeseshisa kulo impepho enuka kamnandi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 28Walengisa isihenqo somnyango wethende. 29Wabeka i-althare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wethabanakeli lethende lokuhlangana, wayesenikela phezu kwalo umnikelo wokushiswa, nowokusanhlamvu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 30Wabeka umcengezi phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, wathela kuwo amanzi okugeza, 31ababezogeza ngawo izandla nezinyawo oMose no-Aroni namadodana akhe. 32Lapho bengena ethendeni lokuhlangana nalapho besondela e-althare, babegeza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 33Walungisa igceke nxazonke zethabanakeli ne-althare, walengisa isihenqo sesango lalo. Wawuphothula kanjalo-ke uMose umsebenzi.
Ifu Nenkazimulo
34Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. 35UMose akakwazanga ukungena ethendeni lokuhlangana, ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli. 36Kwakuthi lapho ifu liphakanyiswa phezu kwethabanakeli, abantu bakwa-Israyeli baqhubeke nohambo lwabo. 37Kepha uma ifu lingaphakanyiswanga babengaqhubeki nohambo kuze kube lusuku eliphakanyiswa ngalo. 38Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.