UMose Ubuyela ESinayi
Izibhebhe Ezintsha Zamatshe
1USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo. 2Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba. 3Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.”
4UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe.
5USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade. 6USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka, 7ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”
8UMose washeshe wakhothamela emhlabathini, wakhuleka. 9Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”
Ukuvuselelwa Kwesivumelwano
10Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe. 11Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi. 12Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe. 13Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo. 14Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu. 15Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe; 16uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.
17“Awuyukuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.
18“Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.
19“Wonke amazibulo angawami, ngisho namazibulo amaduna emfuyweni yakho, namazibulo ezinkomo zakho nezimvu zakho.
20“Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.
21“Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.
22“Uyowugcina umkhosi wamaviki, owolibo lukakolo ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ekupheleni konyaka. 23 Bonke abesilisa bayobonakala kathathu ngonyaka phambi kweNkosi uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli. 24Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.
25“Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.
26“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala.
“Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”
27USimakade wathi kuMose: “Zibhalele lawa mazwi, ngokuba ngalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe no-Israyeli.”
28Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.
Inkazimulo Ebusweni BukaMose
29Ngesikhathi uMose ehla entabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezimbili zobufakazi esandleni sakhe, wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngokuba wayekade ekhuluma noSimakade. 30Lapho u-Aroni nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bembona uMose, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngakho-ke besaba ukusondela kuye. 31Kepha uMose wababiza, u-Aroni nabo bonke abaholi bakwa-Israyeli, beza kuye, wakhuluma nabo. 32Sekwedlule lokho, bonke abantu bakwa-Israyeli basondela, wayesebayala ngakho konke uSimakade ayekukhulume kuye entabeni iSinayi.
33UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wamboza ubuso bakhe ngemvakazi. 34Kodwa lapho uMose eya phambi kukaSimakade eyokhuluma naye wayeyisusa imvakazi, aze aphume. Uma esephumile wayekhuluma kubantu bakwa-Israyeli lokho ayekuyaliwe. 35Abakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sabo siyakhazimula; uMose wayebumboza ngemvakazi aze ayisuse uma eseyokhuluma noSimakade.