Imithetho Yokubekwa Kwabaphristi
1“Yilokhu oyokwenza lapho usubehlukanisa ukuze bangikhonze bengabaphristi. Thatha iduna lenkomo, izinqama ezimbili okungenasici, 2isinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, ukwenze ngempuphu kakolo ecolisekileyo. 3Uyokufaka eqomeni elilodwa ukulethe ngalo, ulethe neduna, nezinqama ezimbili. 4Uyoletha u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wethende lokuhlangana, ubageze ngamanzi. 5Bese uthatha izingubo zobuphristi umgqokise u-Aroni ingubo, ibhantshi, ingubo yamahlombe, nesivikelo sesifuba, umbophe ngebhande lengubo yamahlombe elifekethisiweyo. 6Uyakumethwesa umshuqulu ekhanda, bese ubophela umqhele ongcwele emshuqulweni. 7Uyothatha amafutha okugcoba uwathele ekhanda lakhe, umgcobe. 8Uyosondeza namadodana akhe, uwagqokise amabhantshi. 9Uyobopha u-Aroni namadodana akhe ngemibhunkulo okhalo lwabo, ubathwese nezigqoko, ubuphristi buyakuba ngobabo ngokwesimiso saphakade. Uyakumbeka kanjalo u-Aroni namadodana akhe.
10“Uyoletha inkunzi phambi kwethende lokuhlangana. U-Aroni namadodana akhe bayokubeka izandla zabo ekhanda layo. 11Uyoyihlaba inkunzi phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana. 12Uyothatha ingxenye yegazi layo ulininde ngomunwe wakho ezimpondweni ze-althare, bese kuthi yonke ingxenye yegazi eliseleyo ulithululele phansi esisekelweni se-althare. 13Uyowathatha wonke amafutha emboze okwangaphakathi, namanoni asesibindini, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-althare. 14Kodwa inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyokushisela ngaphandle kwenkambu; kungumnikelo wesono.
15“Uyothatha futhi enye yezinqama, bese u-Aroni namadodana akhe bebeka izandla zabo ekhanda layo. 16Uyoyihlaba inqama bese uthatha igazi layo ulifafaze nxazonke ze-althare. 17Uyoyihlahla inqama, ugeze ezangaphakathi nemilenze yayo, ukubeke ndawonye nezitho nenhloko yayo. 18Uyoyishisa yonke inqama e-althare ngoba ingumnikelo wokushiswa kuSimakade; iyiphunga elimnandi; ingumnikelo womlilo kuSimakade.
19“Uyothatha inqama yesibili bese u-Aroni namadodana akhe bebeka izandla zabo ekhanda layo. 20Uyoyihlaba inqama, bese uthatha ingxenye yegazi layo uninde indlebe ka-Aroni yakwesokunene, izindlebe zakwesokunene zamadodana akhe, izithupha zakwesokunene zezandla zabo, noqukula babo bezinyawo zakwesokunene, bese igazi ulifafaza nxazonke ze-althare. 21Uyothatha ingxenye yegazi elise-althare namafutha okugcoba ufafaze ngakho u-Aroni nezingubo zakhe, namadodana akhe nezingubo zawo, ngakho-ke yena nezingubo zakhe uyokuba ngcwele, kanjalo namadodana akhe nezingubo zawo.
22“Uyothatha amanoni enqama, amanoni omsila, umhlwehlwe, amanoni asesibindini, izinso zombili namanoni azo, nomlenze wangakwesokudla, ngokuba yinqama yokubekwa kwabo. 23Uyothatha eqomeni elethulwe phambi kukaSimakade, isinkwa, neqebelengwane lesinkwa esinamafutha, nekhekheba, 24ukubeke konke lokhu ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. 25Uyobuye ukuthathe ezandleni zabo ukushise e-althare phezu komnikelo wokushiswa kube yiphunga elimnandi phambi kukaSimakade; kungumnikelo womlilo kuSimakade.
26“Uyothatha isifuba senqama yokugcotshwa kuka-Aroni, usizungezise, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; sibe yisabelo sakho. 27Uyobusisa isifuba esizungezisiwe njengomnikelo wokuzungeziswa nomlenze ozungezisiwe njengomnikelo wokuzungeziswa enqameni yokugcotshwa kuka-Aroni, ukwehlukanise kulokho okungokuka-Aroni namadodana akhe. 28Lezi zinto ziyokuba yisimiso saphakade ku-Aroni namadodana akhe ezivela kuma-Israyeli, ngokuba lokhu kungumnikelo, futhi kuyokuba ngumnikelo wabakwa-Israyeli ovela eminikelweni yabo yokuthula, okungumnikelo kuSimakade.
29“Izingubo ezingcwele zika-Aroni ziyodluliselwa emadodaneni akhe emva kwakhe, ayakugcotshwa, abekwe ngazo. 30Indodana eyokuba ngumphristi esikhundleni sakhe iyozigqoka lezi zingubo izinsuku eziyisikhombisa lapho ingena ethendeni lokuhlangana izokhonza endaweni engcwele.
31“Uyothatha inqama yokugcotshwa, ubilise inyama yayo endaweni engcwele. 32U-Aroni namadodana akhe bayodla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wethende lokuhlangana. 33Bona uqobo bayodla ukudla okwenzelwe ukubuyisana ukuze bangcweliswe futhi bahlukaniswe, kodwa akuyukuba khona omunye oyokudla lokhu, ngokuba kungcwele. 34Uma kusale inyama yokugcotshwa noma kusale isinkwa kwaze kwaba sekuseni, kuyokushiswa ngomlilo lokho okuseleyo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.
35“Uyokwenza kanjalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengalokhu ngikuyalile; ukubehlukanisa kuyothatha izinsuku eziyisikhombisa. 36Uyonikela futhi nsuku zonke, inkunzi ibe ngumnikelo wesono nowokubuyisana. Uyonikela umnikelo wesono we-althare, nalapho ulenzela umnikelo wokuhlanjululwa, uyoligcoba, ulehlukanise. 37I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”
Iminikelo Yemihla Ngemihla
38“Manje yilokhu oyokunikela e-althare: amawundlu amabili anyaka munye imihla ngemihla. 39Iwundlu elilodwa uyolinikela ekuseni, kuthi elinye ulinikele kusihlwa. 40Iwundlu lokuqala uyolinikela nokweshumi kwempuphu ecolisekileyo, ihlanganiswe nokwesine eshumini kwehini lamafutha agxotshiweyo, nokwesine eshumini kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwayo. 41Uyonikela ngelinye iwundlu kusihlwa, uyolinikela nomnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo njengasekuseni, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuSimakade.
42“Lowo kuyokuba ngumnikelo wokushiswa imihla ngemihla, izizukulwane ngezizukulwane, oyokwenziwa ngasemnyango wethende lokuhlangana, phambi kukaSimakade, lapho ngiyohlangana nani ukuba ngikhulume nani khona. 43Ngiyohlangana nabantu bakwa-Israyeli lapho, leyo ndawo iyakungcweliswa yinkazimulo yami.
44“Ngiyongcwelisa ithende lokuhlangana ne-althare, ngingcwelise u-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze bengabaphristi. 45Ngiyohlala phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo. 46Bayokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wabo, owabakhipha eGibhithe ukuze ngihlale phakathi kwabo; nginguSimakade uNkulunkulu wabo.