Okungcono Empilweni (1)
1Igama elihle lingcono kunamakha anuka kamnandi,
nosuku lokufa lungcono kunolokuzalwa.
2Kungcono ukuya endlini yabalilayo,
kunokuya endlini lapho kunedili khona,
ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke,
abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.
3Usizi lungcono kunokuhleka,
ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.
4Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo,
kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.
5Kungcono ukulalela ukusola kohlakaniphileyo,
kunokulalela iculo leziwula.
6Njengomsindo wokusha kwameva phansi kwebhodwe,
kunjalo ukuhleka kweziwula.
Nalokho kuyize.
7Impela ukucindezelwa kwenza ohlakaniphile isiwula,
ukufunjathiswa kuyayilutha inhliziyo.
8Singcono isiphetho sendaba kunesiqalo sayo;
onomoya wokubekezela ungcono kunalowo onowokuzidla.
9Ungasheshi ukuthukuthela,
ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.
10Ungasho ukuthi:
“Kungani izinsuku zasemandulo
zazingcono kunezanamuhla na?”
Ngokuba lokho kubuza akuveli ekuhlakanipheni.
11Ukuhlakanipha kuhle njengefa,
futhi kusiza labo abasalibona ilanga.
12Ngokuba ukuvikeleka kokuhlakanipha
kufana nokuvikeleka kwemali,
kodwa ubuhle bolwazi nokuhlakanipha
kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.
13Bheka umsebenzi kaNkulunkulu;
ngubani ongaqondisa akugobisileyo na?
14Ngosuku lwempumelelo, jabula;
ngosuku lwenhlupheko, qaphela;
nguNkulunkulu ozenzile zombili lezi zinsuku.
Ngakho-ke umuntu ngeke akwazi
ukubona okuyoba khona uma esefile.
15Ngikubone konke kulokhu kuphila kwami okuyize:
umuntu oqotho efela ebuqothweni bakhe,
nomuntu omubi ephila
isikhathi eside ebubini bakhe.
16Ungabi ngolunge kakhulu,
ungazenzi ohlakaniphe ngokwedlulele;
uzibhubhiselani na?
17Ungabi ngokhohlakele kwaze kweqa,
noma oyisiwula;
ufunelani ukufa kungakabi yisikhathi sakho na?
18Kuhle ukuthi ukubambe lokhu;
ungasisusi isandla sakho kukho,
ngokuba owesaba uNkulunkulu
uyaphumelela kukho konke.
19Ukuhlakanipha kuletha amandla kumuntu ohlakaniphile,
edlule ababusi abalishumi abasemzini.
20Impela emhlabeni akekho umuntu
owenza okulungile kodwa,
ongoni ngalutho.
21Ungayibeki inhliziyo yakho
kukho konke okushiwo ngabantu,
funa uzwe inceku yakho ikuqalekisa.
22Inhliziyo yakho iyazi
ukuthi nawe uhlale ubaqalekisa abanye.
23Konke lokhu ngikuhlolisise ngokuhlakanipha; ngase ngithi:
“Ngizohlakanipha,”
kodwa ukuhlakanipha kwaba kude nami.
24Okusemajukujukwini nokusekujuleni,
ngubani ongakufumana na?
25Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini
ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke,
nokwazi ububi bobuwula,
nokuthi ubuwula bungukuhlanya.
26Ngathola okumuncu okwedlula ukufa:
owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi,
ozandla zakhe ziyizibopho;
othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye,
kodwa isoni uyasibamba.
27“Yilokhu-ke engikutholile,”
kusho uMshumayeli.
“Ngihlanganisa lokhu nalokhu
ukuze ngithole umphumela,
28ingqondo yami esiwucinge iphindelela,
kodwa ingawufumani.
Ngathola indoda eyodwa phakathi kwayinkulungwane,
kodwa angimtholanga owesifazane
phakathi kwakho konke lokho.
29Yilokhu kodwa engakuthola,
ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho,
kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”