Isabelo Sabaphristi AbangabaLevi
1“Abaphristi abangabaLevi, sonke isizwana sakwaLevi asiyukuba nasabelo nafa no-Israyeli. Sona siyakudla iminikelo yomlilo kaSimakade nefa lakhe. 2Abayukuba nafa phakathi kwabafowabo; uSimakade uyifa lakhe, njengalokhu eshilo kuye.
3“Lokhu kuyoba yilungelo labaphristi elivela kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma yinkomo noma yimvu; bayonika umphristi umkhono, imihlathi yomibili nenanzi. 4Uyomnika futhi ulibo lokusanhlamvu kwakho, olwewayini lakho, olwamafutha akho amasha, nezandulela zoboya bezimvu zakho. 5Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ukhethe yena kuzo zonke izizwe zakini ukuba ame, akhonze egameni likaSimakade, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.
6“Uma umLevi eshiya noma yimuphi wemizi yenu yonke yakwa-Israyeli, lapho kade ehlala khona, aye endaweni ayakuyikhetha uSimakade, 7uyokhonza egameni likaSimakade uNkulunkulu wakhe njengabo bonke abafowabo, abaLevi, abama lapho phambi kukaSimakade, bemkhonza. 8Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”
Isixwayiso Ngokwenza Izinengiso Zabezizwe
9“Kuyothi nxa usufike ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ungalokothi ufunde ukwenza izinengiso njengalabo bezizwe. 10Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi, 11owenza iziphonso, othinta imimoya yabangasekho, nobiza akhuphule imimoya yamadlozi. 12Yilowo nalowo owenza lezo zinto uyisinengiso kuSimakade, ngenxa yalezo zinengiso, uSimakade uNkulunkulu wakho wazixosha lezo zizwe phambi kwakho. 13Mawungabi nacala kuSimakade uNkulunkulu wakho.
Isithembiso Sokuthunyelwa Komphrofethi
14“Lezo zizwe oyoziphuca izwe lazo ziyabalalela abahlola imihlola nezangoma, kodwa wena uSimakade uNkulunkulu wakho akakuvumelanga ukwenza kanjalo. 15USimakade uNkulunkulu wakho uyokuvusela umphrofethi onjengami phakathi kwakho, kubafowenu; niyomlalela yena, 16njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’
17“USimakade wayesethi kimi: ‘Benze kahle ngalokho abakukhulumile. 18Ngizobavusela umphrofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, uyobatshela konke engimyala ngakho. 19Yilowo nalowo ongayukuwalalela amazwi ami ayowakhuluma eGameni lami, Mina ngiyobheka ukuba aziphendulele ngalokho. 20Kepha umphrofethi oyozitshela ukuthi ukhuluma izwi eGameni lami, ngibe ngingamyalanga ukuba akhulume, noma okhuluma egameni labanye onkulunkulu, lowo mphrofethi uyakufa.’
21“Ungasho enhliziyweni yakho, uthi: ‘Siyakulazi kanjani izwi uSimakade angalikhulumanga, na?’
22“Uma umphrofethi ekhuluma egameni likaSimakade, leyo nto ingenzeki, nezwi alikhulumile lingafezeki, lelo lizwi kalikhulunywanga nguSimakade, kodwa ngumphrofethi ozikhulumele nje lokho, ezigabisa; ungamesabi.”